Uboshiwe owesifazane odlise izingane zakhe ushevu

Doreen Mokgolo

Umama wezingane ezimbili kusolwa ukuthi uphakele yena nezingane zakhe ukudla okufakwe ushevu wamagundane waqede wazithatha wahamba nazo.

NgoMsombuluko ngemuva kwalesi sidlo umama oneminyaka engu-37 ubudala wase-Dunnotter e-EKurhuleni kusolwa ukuthi unqume ukuthatha uhambo olude nezingane zakhe oluya e-Springs elibangise e-Free State nomndeni nabangani bakhe. 

Ngesikhathi behamba ngemoto e-Frankfort okuyibanga elingu-120km ukusuka ekhaya izingane ziqale ukukhala ngesisu esilumayo ngemuva kwalokho umama wama egaraji wacela abasebenza ngophethiloli ukuthi babize isithuthi seziguli njengoba izingane zakhe bezigula.

Umfana wakhe wokuqala obeneminyaka engu-16 obenza ibanga lesikhombisa esikoleni samabanga aphezulu e-Springs Boys ushonele esibhedlela ngosuku lwesigameko. Udadewabo oneminyaka eyisikhombisa ulwela impilo yakhe esibhedlela.

Umama naye uthole usizo lwezempilo wabuye wadedelwa, kodwa waboshwa ngamaphoyisa akwa-Mafube.

Umthombo osondelene nomsolwa, ongathandanga ukudalulwa igama usitshele ukuthi baqale ukukhathazeka ngoLwesithathu ngesikhathi isikole sezingane sibika ukuthi izingane ezimbili azifikanga esikoleni.

“Ngemuva kwalokho sathola ucingo luvela emaphoyiseni ase-Frankfort esitshela ngokuboshwa kukanina nesimo sezingane.”

“Asazi ukuthi yini imbangela emholele ekutheni enze into eshaqisa kangaka. Ubengumuntu othanda ukuthula futhi ubengabikeli muntu izinkinga zakhe.”

Umama udluliselwe esiteshini samaphoyisa e-Dunnottor wabekwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala ngokusemthethweni.

Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uColonel Nthabiseng Sello ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

“Umama uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yase-Nigel.

“Kumanje uzogqunywa esitokisini kuze kube umhlaka-13 kuNhlangulana lapho ezovela khona ezofaka isicelo sebheyili,” usho kanje.

Emasontweni amathathu edlule cishe izingane eziyishumi eNingizimu Afrika zibulewe ngokudliswa ushevu.

Izihloko zakamuva