Uboshiwe owabulala ugogo wakhe

Sibonelo Zwane

UNomaswazi Tshabalala waseMndeni, e-Soweto wabulala ugogo wakhe wamngcwaba ngemuva kwendlu – wabe eseyozitika ngekhadi lakhe lakwa-Sassa nelasebhange ethenga ezitolo.

Waqhubeka nokusebenzisa amakhadi kagogo wakhe izinyanga eziyisishiyagalolunye ngo-2019 ngaphambi kokuthi abanjwe ngoMandulo ngo-2020.

UNomaswazi uvele eNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesibili wavuma icala lokubulala, amacala angu-24 okukhwabanisa, ukweba ikhadi likamufi lasebhange kanye nelakwa-Sassa, ukuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho kanye nokuqamba amanga.

Ezinsukwini ezimbalwa ngemuva kokuthi aboshelwe icala lokukhwabanisa, uNomaswazi wabekwa icala lokubulala ugogo wakhe uNomsa ngemuva kokuthi isidumbu sesalukazi sitholwe yisiqashi ebesenza ingadi.

UNomaswazi (31), wayehlala nogogo wakhe. Utshele inkantolo ukuthi wabulala ugogo wakhe ngemuva kwengxabano.

“Ngangidle izidakamizwa futhi ugogo wayengixosha endlini. Siye saxabana ngase ngimshaya ngendishi yamanzi ekhanda. Wayequlekile kodwa ephila ngase nginquma ukumklinya ngezandla zami washona,” esho. 

Ummeli woMbuso u-Advocate Tshimangadzo Xakaza uthe ngesikhathi sokuqulwa kwecala uzodalula ukuthi icala lokubulala lalihleliwe.

Oyibamba leJaji uMakamu, uthwese umsolwa icala lokubulala ngenhloso futhi unqume ukuthi encazelweni yakhe, umsolwa uveze ukuthi wabulala ugogo uNomsa ngamabomu waphinde wachaza ukuthi wayenethuba lokucabangisisa isinqumo sakhe.

Icala lizobuyela enkantolo mhla ziyisikhombisa kuMfumfu ukuze umsolwa egwetshwe.

Izihloko zakamuva