Uboshiwe othuse izinkukhu zafa 

Uboshiwe owesilisa wase-China ngecala lokusabisa izinkukhu ezingu-1 100 ngenxa yokungaboni ngaso linye nomakhelwane wakhe.

Owesilisa ohlonzwe ngesibongo sakhe kuphela uGu, usebenzise ithoshi ukwethusa izinkukhu zikamakhelwane wakhe uZhong zashona ngokusho kwe-China Daily.

Ukuxabana kwabo kwaqala ngoMbasa nyakenye ngesikhathi uZhong egawula ezinye zezihlahla zikaGu ngaphandle kokucela imvume.

Ingxabano nenzondo yaqala ngesikhathi uGu efuna indlela yokuziphindiselela, wanyonyoba epulazini lezinkukhu likaZhong wafika wazethusa hhayi kanye kodwa kabili!

Okokuqala wenza izinkukhu ezingu-500 zatatazela zagxobana zodwa.

Amaphoyisa abambe uGu amyalela ukuthi kumele akhokhele uZhong imali engu-8000 ngomonakalo awenzile. 

Le mali bekungeyona inkinga kuGu njengoba ebuye okwesibili, kwashona ezinye izinkukhu ezingu-640.

Ngesikhathi amaphoyisa ebopha uGu kulokhu abike ukuthi wenze umonakalo ongabiza imali engu-R40 000.

NgoLwesibili iNkantolo yase-Hengyang County, phakathi nesifundazwe sase-Hunan e-China ikhiphe isinqumo sokuthi uGu uwenze ngamabomu umonakalo ngenxa yokufuna ukuziphindiselela kuZhong.

UGu ugwetshwe izinyanga eziyisithupha ejele kanye nonyaka owodwa wokuvivinywa ukuze acabange ngesenzo sakhe.

Kubukeka sengathi umzamo kaGu wokusabisa izinkukhu umfake ejele owangempela.

Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt

Isithombe esingenhla: Izinkukhu

Izihloko zakamuva