Uboshiwe osolwa ngokuqotha abayisikhombisa  

Lubhalwe nguSongeziwe Mapukata

Ngemuva kophenyo oluthathe inyanga amaphoyisa abophe osolwa ngesigameko sokubulawa kwabantu abayisikhombisa emzini wabo esigodini saseQunu ngaseMthatha ngoNhlolanja.

Izisulu eziyisikhombisa, abesilisa abane kanye nabesifazane abathathu badutshulwe bashona ngo-ebusuku ekhaya labo elakhiwe ngezitini zodaka ngoLwesithathu mhla zizinye kuNhlolanja.

Umsolwa (34) uboshwe ngoLwesihlanu, kodwa utholwe ecashe efulethini lentombi yakhe e-Orlando East, e-Soweto ngemuva kophenyo oluthathe inyanga.

Umholi womdabu wakulesi sigodi iNkosi uMfundo Mtirara utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umphakathi wangakubo ukhungethwe ukushushumbiswa kwezidakamizwa futhi sekube nezigameko ezahlukene zokubulawa kwabantu kule ndawo.

Uphiko lakwa-Saps kanye nophiko lwe-Gauteng Serious and Violent Crimes basebenze ngokubambisana ukubopha umsolwa.

“Kumele manje izigebengu ezithintekayo kulokhu zifunde isifundo sokuthi njengoba amaphoyisa ekhona akukho ukubaleka futhi akukho lapho ezizocasha khona,” kusho uLieutenant General Nomthetheleli Mene.

Amaphoyisa ebengakayisho imbangela yokubulawa kwalaba abayisikhombisa.

UMene wengeze ngokuthi i-Eastern Cape akusiyo indawo yababulali futhi basazoqhubeka nokubathola ukuze baphendule ngezenzo zabo zokubulala njengoba bethole lo mbulali e-Soweto.

Umsolwa ubanjwe nesibhamu esingekho emthethweni okukholakala ukuthi sisetshenziswe ukubulala laba bantu. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMthatha ngoLwesibili ngamacala ayisikhombisa okubulala.

Esithombeni esingenhla: Osolwa ngokubulala

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva