Kabelo Tlhabanelo
Uboshiwe owesilisa osolwa ngokudlwengula abesifazane abangu-13 phakathi kuka-2009 no-2013.
Uboshwe ngamaphoyisa ngoLwesine ntambama umsolwa oneminyaka engu-34.
Amaphoyisa ebelokhu eqhubeka nokuqoqa amasampula olibofuzo, ngolwazi lokuthi ekugcineni ingalo yomthetho ende izombamba umsolwa.
Izisulu eziyishumi nantathu ezineminyaka ephakathi kuka-23 no-43 zivule amacala emaphoyiseni ase-Bloemspruit e-Mangaung, e-Free State.
Okhulumela amaphoyisa uSayitsheni Peter Kareli uthe umsolwa uboshwe ngezikhathi zantambama.
“Umsolwa ubesohlwini lwabafunwayo iminyaka engu-13 edlule futhi uboshwe ngemuva kokuxhunyaniswa nolibofuzo” kusho uKareli etshela i-Scrolla.Africa.
Kuthiwa umsolwa ubehlasela izisulu zakhe ngokuzinyonyobela ngemuva azibambe entanyeni ngaphambi kokuzisabisa ngokuzigwaza.
UKareli uthe ngemuva kwalokho umsolwa ubehudulela isisulu endaweni evulekile noma endlini engenalutho lapho ayezidlwengulwa khona.
UKareli uphinde wathi amaphoyisa akholelwa ekutheni ziningi izisulu zalo mlisa futhi wazinxusa ukuthi zivule icala esiteshini samaphoyisa esiseduze.
Umsolwa ubhekene namacala angu-13 okudlwengula nelokuzama ukubulala kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Bloemfontein ngomhlaka-17 kuMasingana 2022.
Umthombo wesithombe: SAPS