Uboshiwe osolwa ngokubulala abadayisa ngomzimba

Everson Luhanga

ULerato ubemi nabanye besifazane ngeSonto ebusuku endaweni okukhandwa kuyo izimoto. Yilapho okutholwe khona izidumbu zozakwabo abayisithupha abebedayisa ngomzimba beboshwe izandla nezinyawo, imizimba yabo ibolile.

Ubazi ukuthi lokho bekungase kwenzeke kuye.

ULerato uthe ungomunye wezisulu ohudulwe, wadlwengulwa waphinde wantshontshelwa imali yakhe kanye nomakhalekhukhwini indoda esezitokisini zamaphoyisa.

Uthe nakuba edlule ekuhlukunyezweni, ehlazweni, nasezinhlungwini ngenxa yale ndoda, uyajabula ukuthi uyaphila.

Abadayisa ngomzimba batshele i-Scrolla.Africa ukuthi le ndoda (21) yaziwa kakhulu. Uma omunye wabo ebonakala ehamba naye babejabula kakhulu uma bebona owesifazane ebuya.

Bathe iningi labadayisa ngomzimba abake babonakala benaye abakaze babonwe kusukela lapho. Bebengazi noma laba besifazane bayekile yini ukusebenza ngokudayisa ngomzimba noma bayabulawa bese belahlwa lapho abangeke batholakale khona.

ULerato ungomunye wababe nenhlanhla ngoba uye wasinda.

“Wafike wangilanda esitobhini lapho engisebenza khona. Ngisayikhumbula imoto ayehamba ngayo, inombolo yayo kanye nombala wayo.

“Uye wangiyisa endaweni okushonele kuyo abangani bethu. Walala nami ngaphandle kokusebenzisa ijazi lomkhwenyana. Wabe esengisabisa ngokuthi uzongidubula uma ngike ngamcela imali ngemuva kokulala naye.

“Wathatha umakhalekhukhwini wami, imali engu-R250 ebengiyithole kwamanye amakhasimende ngaphambi kokuthi angishaye aveze nesibhamu.”

Ngesikhathi eseqedile ngaye uye wamlahla ngase-Faraday, okuyindawo okutholwe kuyo izidumbu eziyisithupha.

ULerato uthe kwakungeyona intando noma inhloso yakhe ukudayisa ngomzimba. “Ngafika eGoli ngisuka e-Klerksdorp e-North West ngizofuna amadlelo aluhlaza. Kwakunzima futhi ngangingawutholi umsebenzi eDolobheni leGolide.

“Angizange ngiyithole ngisho imali yokuqasha indawo yokuhlala. Ngo-2017 ngangena emgwaqeni ngaba ngomunye wabadayisa ngomzimba.

“Ekuqaleni ngangikubona kunzima ukulala namadoda angaphezu kweyodwa ngosuku. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi ngajwayela.

“Ngaqala ukubhema ugwayi nokuphuza utshwala nabangani bami abasha kulo mkhakha.”

Uthe kwaba yinhlanhla ngesikhathi ethola isithandwa sakhe ngesikhathi esemsebenzini nelinye lamakhasimende. “Wafika njengekhasimende, kodwa sagcina sesithandana.”

Uthe uhlala nesoka lakhe, liyakwazi futhi liyakweseka akwenzayo emgwaqeni njalo ebusuku. Banezingane ezintathu ndawonye futhi uthando lwabo luhle.

ULerato uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi abadayisa ngomzimba bahlukunyezwa kanjani. “Siyadlwengulwa, sishaywe, size sisatshiswe ngokubulawa amanye amakhasimende angafuni ukukhokha.

“Uma siya esiteshini samaphoyisa sitshelwa ukuthi siye emtholampilo i-Esselen Street Clinic e-Hillbrow lapho esivula khona amacala alolu hlobo. Yibona ababikela emaphoyiseni ngamacala ethu. Kodwa asitholi mpendulo ngemuva kokubika amacala wethu amaningi,” esho.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni saseGoli uBrigadier Brenda Muridili ukuqinisekisile ukuthi umsolwa uzobekwa amacala ayisithupha okubulala kanti uphiko lwe-Provincial Murder and Robbery Unit luyaphenya.

Isithombe esingenhla: Abadayisa ngomzimba abayisithupha badlula enkabeni yedolobha laseGoli.

Umthombo: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva