Uboshiwe odubule isigebengu ebesizenza umuntu opakisa izimoto

Owesilisa ushiye umngani wakhe wesifazane phakathi nesidlo wayobulala umkhohlisi osiza ukupakisa izimoto ngenxa yemali engu-R700 ngemuva kwalokho wabuyela etafuleni ezoqedela isidlo sakhe sengathi akwenzekanga lutho.

Amaphoyisa athi u-Erick Aguirre (29) usolwa ngokudubula u-Elliot Nix (46) endaweni yokupaka izimoto e-Houston eMelika ngomhlaka-11 kuMbasa ngemuva kokuqolwa u-R700, ngokusho kwamarekhodi aseNkantolo.

U-Aguirre nowesifazane abehamba naye bebesanda kufika ngesikhathi uNix eza kubo efuna u-R350 umuntu ngamunye ukuze bapake izimoto zabo. 

U-Aguirre uyikhiphile imali, kodwa uNix ngokuhamba kwesikhathi wadalulwa njengesigebengu esibone ithuba lokuqola kule ndawo yama-burger lapho bebedlela khona.

Kungaleso sikhathi u-Aguirre okuthiwa usukume khona khona ngolaka, wasuka endaweni yokudlela waya emotweni yakhe, wathatha isibhamu wajaha uNix.

Ngemuva kwezinsolo zokuthi umdubulile, u-Aguirre ubuyele endaweni yokudlela ukuze aqedele ukudla kwakhe futhi watshela lo abehamba naye ukuthi umsabisile kuphela.”

Kodwa iqiniso ligcine seliphumile.

Amaphoyisa athi u-Aguirre uboshwe ngemuva kokuthi abephume naye abone izithombe zabo bobabili kwabezindaba wabe esexhumana neziphathimandla.

Ushaqekile ngesikhathi ethola ukuthi yena no-Aguirre bangabasolwa ecaleni lokubulala, kodwa yena akabekwanga icala.

Ngakolunye uhlangothi, u-Aguirre ubhekene nodilikajele uma elahlwa yicala lokubulala.

Luhlanganiswe intatheli yeScrolla

Isithombe esingenhla: Indawo yama-Burger

Izihloko zakamuva