Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
Indida ngamawele, elilodwa uDoctor Sobetha elinye nguTeacher Professor Matshia.
UDoctor uboshwe eNkantolo yeMantshi yase-Bethal ngeledlule ezenza ummeli omele ummangalelwa kwelokubulala.
UTeacher Professor wayengunjiniyela kagesi oqeqeshiwe owatholwa eshonile emotweni yakhe eyashiswa yaba umlotha ngomhlaka-30 kuZibandlela ngonyaka odlule.
Kodwa lamawele anezibongo ezingafani.
Ilungu lomndeni lithe uDoctor washintsha isibongo wasebenzisa esikanina kanti amanye amalungu omndeni asala nesibongo sikayise.
Umthombo wethu uthe umhlengikazi wasewodini okwabeletha kulo unina nguye owabaqamba lamagama.
Manje uTeacher Professor akasekho emhlabeni kanti uDoctor akasasebenzi njengommeli futhi usesitokisini ubhekene necala lokuba ummeli mbumbulu futhi leli cala linzima kakhulu.