Uboshelwe ukusenga ezimithiyo

Everson Luhanga

Amaphoyisa asenkabeni yedolobha laseGoli abophe owesilisa ngokuvula amacala angelona iqiniso esiteshini samaphoyisa.

Okhulumela amaphoyisa esiteshini samaphoyisa i-Johannesburg Central uKaputeni Xoli Mbele ukuqinisekisile ukuthi abaseshi babophe owesilisa (28), ngokuqamba amanga.

UMbele uphinde waqinisekisa ukuthi akukhona okokuqala umsolwa evula icala elingelona iqiniso esiteshini.

“NgoMsombuluku umsolwa uvule icala elingelona iqiniso lokuntshontshelwa umakhalekhukhwini”.

Utshele amaphoyisa ukuthi untshontshelwe umakhalekhukhwini wakhe wohlobo lwe-Huawei Blush Gold Nova 8 obiza imali engu-R11 000.

Amaphoyisa aye asola ukuthi uqamba amanga ase ecela ummangali ukuthi awayise lapho okwenzeke khona ubugebengu.

“Amaphoyisa ahambe nommangali osolwayo eyowakhombisa lapho abanjwe khona inkunzi. Ushintshe indaba yakhe watshela amaphoyisa ukuthi ubanjwe inkunzi kwenye indawo”.

Amaphoyisa amcela ukuthi awayise endaweni yesibili. Wanqaba waphinde washintsha indaba yakhe, watshela amaphoyisa ukuthi ubanjwe inkunzi e-Maboneng Tavern.

Kungaleso sikhathi lapho amaphoyisa ethathe khona isinqumo sokuyisa lo mlisa esiteshini samaphoyisa ukuze ayophenywa.

UKaputeni uMbele uthe uphenyo lokuqala luveze ukuthi uvule icala elifana naleli ngoLwezi nyakenye waze wakhokhelwa nomshwalense.

Uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi mangaki amanye amacala asewavulile.

UMbele uthe kuyacelwa ukuthi izinkampani zomshwalense ezimkhokhele imali ziphumele obala zizovulela umsolwa amacala okukhwabanisa.

Umphathi wesiteshi wase-Johannesburg Central Station uBrigadier Perumal uthe izakhamizi kufanele zisize amaphoyisa ekulweni nobugebengu futhi zingasebenzisi izinsiza ukuqamba amanga.

Ukuboshwa kwalo mlisa kuzoba yisixwayiso kulabo abasizakala ngamaphoyisa kanye nokuwavimba emsebenzini wabo wokusiza labo abawadinga kakhulu,” usho kanje.

Scrolla World Cup Quiz