
Dylan Bettencourt
Owesifazane oneminyaka engu-26 ubudala ubekwe icala lokubulala e-Texas njengoba kuvele ukuthi wahushula isisu.
Lo wesifazane waseMelika uboshwe ngoLwesine wahlala ejele impelasonto waphuma ngebheyili ka-R7.3 million e-Rio Grande City.
Akukacaci ukuthi usikhiphe eyedwa noma kukhona omunye omsizile.
“UHerrera uboshiwe wathweswa icala lokubulala ngemuva kokuthi ahushule isisu,” kusho umphathi wenkantolo uCarlos Delgado.
Umphathi weNkantolo wengeze ngokuthi eminye imininingwane izonikezwa umphakathi ngoMsombuluko njengoba icala lisaphenywa.
Nakuba umthetho wecala aboshelwe lona ungekho, kodwa umthetho wase-Texas umenza abekwe icala lokubulala ngokuhushula isisu ngesikhathi ekhulelwe.
USolwazi wezomthetho eNyuvesi yase-Texas uStephen Vladeck uthe ukubulawa kosana olungakazalwa akulona icala uma umzali ezithathele yena isinqumo.”
Umthetho owaphasiswa ngonyaka ka-2021 uvimbela abesifazane ukuthi bahushule izisu ngemuva kokuba bekhulelwe amasonto ayisithupha nokwandisa isibalo sabantu abahushula izisu esifundazweni kusukela ngaleso sikhathi.
Umthetho ohlukile owaphasiswa uvimbela odokotela noma imitholampilo ekunikezeni imishanguzo ekhipha izisu kubantu besifazane uma sekweqe izinsuku ezibekiwe.
Inhlangano elwela amalungelo okuhushulwa kwezisu i-Frontera Fund ngoMgqibelo icele ukuthi kukhululwe uHerrera.
“Asikayazi yonke imininingwane emayelana nalesi sigameko esibuhlungu,” kusho uRockie Gonzales, umsunguli nosihlalo we-Frontere Fund.
“Esikwaziyo ukuthi ukubopha abantu abakhulelwe ngezinqumo abazithathayo ngokuhushula izisu okuyinto eyenziwa e-Texas kuphuca abantu ukuzimela phezu kwemizimba yabo futhi kubashiya bengenakho ukukhetha okuphephile uma bekhetha ukungabi abazali.”
Yize icala lisaphenywa akukacaci noma uHerrera uzobhekana nejaji noma uzodedelwa kulandela ukuboshwa kwakhe.
Umthombo wesithombe: @ChicagoTribune