Uboshelwe ukubulala ingane umfana oneminyaka eyi-15

Sizwe Sibiya

Umfana oneminyaka eyi-15 uboshiwe ngemuva kokusolakala ngokubulala isihlobo sakhe esineminyaka emine futhi alahle isidumbu ehlathini eduzane nendlu yesisulu eThekwini KwaMashu.

Amaphoyisa eKwazulu-Natali athe isidumbu esinqunu sikaSanelisiwe Mhlongo sitholakale mhla zingama-24 kuMandulo ngemuva kokuthi intombazane ilahleke ngosuku olandulela lelo.

Okhulumela amaphoyisa uThembeka Mbhele uthe umsolwa kanye nabomndeni ababili baboshiwe kanti nesikhali esisethenzisiwe sitholakele.

“Ingane itholakale inqunu inamanxeba okugwazwa entanyeni kanye nengozi enyantisa igazi ekhanda. Utholakale egoqwe ngezimpahla zomunye oyisihlobo,” kusho Mbhele.

Uthe amaphoyisa awakakazi ukuthi ingane idlwenguliwe yin noma cha.

Umsolwa ulindeleke ukuvela enkantolo yemantshi yaseNtuzuma ngoLwesine.

“Ngifisa sengathi umndeni ungathola ukuthula kanye nokuphola ezinhliziweni kulesi sikhathi esinzima,” kusho ikhomishana yesifunda seKwazulu-Natali, u-Major General Thulani Gonya.

Izihloko zakamuva