
Razeen Gutta
Umdlali webhola likanobhutshuzwayo we-Bundesliga uboshwe e-Spain ngoMgqibelo ngezinsolo zokudlwengula intombazanyana.
Umdlali okukhulunywa ngaye udalulwe njengomdlali wasesiswini we-VfB Stuttgart oneminyaka engu-25 u-Atakan Karazor.
Le ntombazanyana eneminyaka engu-18 yase-Spain itshele amaphoyisa ase-Ibiza ukuthi ihlukunyezwe ngumdlali webhola lezinyawo kanye nomunye wesilisa e-San Jose Villa ekuseni kakhulu ngoLwesithathu.
Kudingeke ukuthi ayiswe esibhedlela ngemuva kwesigameko. Bobabili abasolwa baphonswe imibuzo ngoLwesihlanu ngemuva kwalokho bavele eNkantolo yase-Ibiza ngaphambi kokuboshwa ngoMgqibelo ekuseni kubika i-Daily Star.
Yize bengakabekwa amacala, umthetho wase-Spain ubenza ama-investigados okusho ukuthi basazophenywa ngokusemthethweni njenge ngxenye yophenyo lobugebengu mayelana nezinsolo zokudlwengula.
UKarazor uyaziphika zonke izinsolo ngokubika kweqembu lakhe i-Bundesliga eselikhiphe isitatimende ngalolu daba.
Isitatimende se-VfB Stuttgart sithe uKarazor uboshwe eseholidini e-Ibiza.
“Uyaziphika izinsolo abekwe zona ngokusho kwe-VfB exhumane nabammeli beqembu.”
“Njengoba lolu kuwuhlelo oluqhubekayo sicela abantu baqonde ukuthi i-VfB ayikwazi ukuqhubeka iphawule ngalolu daba.”
Lezi zindaba ziza ngempelasonto efanayo nalapho icala likaCristiano Ronaldo lokuhlukumeza ngokocansi lichithiwe, ngemuva kokusolwa ngokudlwengula owayemodela uKathryn Mayorga ngonyaka ka-2009.
Kodwa-ke iJaji laseMelika uJennifer Dorsey linqume ngoLwesihlanu ukuthi leli cala lizohoxiswa futhi angeke lisaqhubeka.
Lokhu kudalwe ukuthi ubufakazi obusetshenziswe ithimba labammeli bakaMayorga butholwe ngezincwadi ezintshontshiwe futhi alikho ithimba lezomthetho elike laphawula ngalesi sinqumo.