UBoris wesule esikhundleni

Dylan Bettencourt

UNdunankulu wase-United Kingdom uBoris Johnson umemezele ukwesula kwakhe esikhundleni ngoLwesine ngemuva kokubamba lesi sikhundla isikhathi esingaphansi kweminyaka emithathu.

Ekhuluma esithangamini nabezindaba ku-Downing Street, uJohnson ubonge izigidi ezamvotela ukuthi angene esikhundleni sikaNdunankulu.

Wengeze ngokuthi isizathu sokuthi abambe izintambo isikhathi eside kangaka yingoba “ubecabanga ukuthi bekuwumsebenzi wakhe, kanye nesibopho sakhe emphakathini.

UJohnson uthe “kubuhlungu ukungaqedi ihlandla lakhe” kodwa uphinde wathi akekho umuntu “obalulekile” kwezepolitiki.

Lo Ndunankulu (58) uthe uhlelo lokuqoka uNdunankulu omusha luzoqala ngemuva kohlelo  oluzophuma ngesonto elizayo.

Ukwesula koNgqongqoshe abaningi abaphezulu kuholele ekutheni kube nemibiko ethi uJohnson uzosula kodwa uqhubekile nokubamba izintambo.

Yize yonke into isobala, uJohnson uthe wenze umzamo wokugcina wokuhlala esikhundleni.

Uzamile ukunxenxa ikhabinethi yakhe ukuthi ukwesula kwakhe esikhundleni kuzobe “kungajwayelekile” kodwa wehlulekile.

“Ngiyazisola ngokungaphumeleli kulezo zingxoxo,” kusho uJohnson.

“UBoris Johnson uzosula njengomholi we-Conservative Party namuhla,” kubhala umhleli wezepolitiki we-BBC uChris Mason ekhasini lakhe laku-Twitter ngoLwesine ekuseni ngaphambi kwesithangami sabezindaba.

ONgqongqoshe abaningana, okuhlanganisa noNgqongqoshe wezeziMali osanda kuqokwa, baphakamise ukuthi uJohnson asule esikhundleni.

UNobhala Wezokuvikela uBen Wallace naye ucele uJohnson ukuthi asule esikhundleni kodwa uthe yena uzohlala esikhundleni sakhe ukuvikela ezokuphepha kuzwelonke.

Okhulumela uNdunankulu ukuqinisekisile ukuthi uJohnson uzokwethula isitatimende ezweni ngoLwesine.

“Okhulumela uNdunankulu uzokwethula isitatimende ezweni namuhla,” 

Umhleli wezindaba zepolitiki kwi-Sun, uHarry Cole uthe uJohnson uzama ukuqhubeka njengoNdunankulu kuze kukhethwe umholi omusha ezinyangeni ezimbalwa ezizayo, okusho ukuthi angase ahlale esikhundleni sokuba uNdunankulu ezinye izinyanga ezimbili.

Umthombo wesithombe: @NewYorker

Izihloko zakamuva