Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UBongani Baloyi, onguMengameli nomsunguli weqembu i-Xhiluva alisungula ezinyangeni ezingu-18 ezedlule, uselishiyile wajoyina iqembu loMkhonto weSizwe (MK).
Ungumholi wakamuva wezepolitiki ukungena eqenjini likaJacob Zuma i-MK, kulandela abanye abantu abafana nowayeyiPhini likaMengameli we-EFF uFloyd Shivambu, uMengameli weSouth African Rainbow Alliance uColleen Makhubele kanye nowayengumengameli we-EFF Student Command uMpho Morolane.
Esithangamini nabezindaba eSoweto ngoLwesine, uBaloyi, egqoke isikibha se-MK, umemezele ukuthi ithimba lesigungu esiphezulu seqembu livumile ukuhoxisa ukubhalisa iXhiluva kwi-Independent Electoral Commission.
Ubuholi beqembu bunqume ukuthi bonke bazojoyina i-MK bakhuthaze amalungu amanye eqembu ukuthi alandele.
“Ngesikhathi sibheka i-MK, sazibona thina,” kusho uBaloyi.
“Sabona ukuthi alinabo abelungu abathintekayo futhi sinqume ukubajoyina. Isikhathi sokuhlukana sesiphelile, futhi manje yisikhathi sokuhlanganisa amandla.”
I-Xhiluva, okusho ukuthi “imbali,” yethulwa ngoNdasa ka-2023 ngemuva kokuthi uBaloyi eshiye i-ActionSA, lapho asebenza khona njengosihlalo wayo eGauteng. Uphinde waba yimeya yeDA kumasipala wendawo iMidvaal.
I-Xhiluva ayizange izuze izihlalo zesishayamthetho sesifundazwe noma izihlalo zePhalamende okhethweni lukazwelonke lwangomhlaka-29 kuNhlaba.
Ngaphambi kokhetho, uBaloyi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi iqembu lidonsa kanzima ngakwezezimali, wakhokhela izindleko eziningi ngemali ephuma ephaketheni lakhe.
UZuma, onguMengameli weqembu i-MK, usegqugquzele amaqembu amancane ezepolitiki abamnyama ukuthi ahlangane ne-MK ukuze kube nezinguquko eziphusile eNingizimu Afrika.
Bemukela uBaloyi namanye amalungu amasha eGauteng, abalandeli be-MK bacule ingoma yodumo ethi “Wenzeni uZuma?”
Osesithombeni esingenhla: UBongani Baloyi.
Umthombo: Sithunyelwe
Bongani Baloyi joins MK
