Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UShebeshxt ubonakala esazophila impilo ende ngemuva kokusinda engozini yemoto.
Lo mculi waseNingizimu Afrika ubandakanyeke engozini ecishe yamubulala kodwa waphuma engenamyocu ngoLwesibili ntambama.
Ubehamba nomngani wakhe besuka eSeshego beya ePolokwane ngesikhathi imoto yabo ingena ngemuva evenini.
Umthombo obesendaweni yesigameko, uThapelo Mogwase utshele i-Scroll.Africa ukuthi uShebe ubeshayela ngesivinini efuna ukuyokweqa ilambu elibomvu ngesikhathi eshayisa iveni ebisimile.
“Sizwe ukukhala kwamathayi okulandelwa umsindo omkhulu. Besicabanga ukuthi abantu abakwi-GTI bazoshona noma balimale kabi,” kusho uThapelo.
“Sithukile ngesikhathi sibona umculi ephuma ohlangothini lomshayeli. Ubengenawo amanxeba abonakalayo noma ukopha okukhombisa ukuthi ulimele.”
Lo mculi waziwa ngokushayela engayihloniphi imithetho yemigwaqo, ujwayele ukubonakala ezinkundleni zokuxhumana exoxisana nabalandeli bakhe ejabule ephethe ikani lophuzo oludakayo futhi ebhema kanti konke lokhu usuke ekwenza eshayela.
Ngemuva kwale ngozi lo mculi ongowokuzalwa eLebowakgomo ubonakale ethwebula izithombe nabalandeli bakhe sengathi akasindanga nje engozini ecishe yambulala.
Laba bobabili baphuthunyiswe esibhedlela nge-ambulensi kodwa badedelwa ngemuva kokubonwa ngudokotela.
UShebe ungene ezinkundleni zokuxhumana ephika izinsolo zokuthi ungeniswe esibhedlela ngenxa yokulimala.
Lo mculi uthe uzwe ngokungeniswa kwakhe esibhedlela ezinkundleni zokuxhumana.
Uthe manje usecabanga ukuthenga ibhayisikili lokunyuka izintaba.
Ezinyangeni ezedlule lo mculi udalule ukuthi usesinde kaningi ezintweni ebezingamubulala waphinde wabonga amadlozi akhe ngokuphinde avikele impilo yakhe.
Isithombe esingenhla: UShebeshxt.
Umthombo wesithombe: Facebook