Lubhalwe nguKhaya Ndaba
UThula Khumalo (27) onegama elisho ukuthi ukuthula ngolimi lwamaNguni nangolimi lwesiZulu usezinikele ekubeni iciko.
Lo wesilisa wazalelwa eMnambithi KwaZulu-Natal, wakhulisa umsebenzi wakhe wobuciko lapho akhulela khona emigwaqeni yase-Newtown, eGoli, indawo osekunesikhathi eside icindezela abantu ukuba basungule ikhono lokusungula izinto.
Uthando lukaKhumalo lobuciko alusekelwe nje kuphela ekukhulisweni kwakhe, kodwa kuhambisana nokukhumbula amagalelo obuciko kanye nokukhuthazwa ngabazali bakhe. Ukhuluma ngothando lukamama wakhe ongagcinanga ngokufundisa izingane emphakathini ngobuciko, kodwa waphinde wafundisa uthando lobuciko nakwindodana yakhe.
“Umama wayejwayele ukusiyisa ezindaweni zase-Newtown. Ekukhuleni kwethu sasizungezwe ubuciko ngaso sonke isikhathi futhi ukukhulela e-Newtown kungisize kakhulu ngoba kungifundise ukuba nobuchule.”
UKhumalo nguyena ocula phambili eqenjini lakhe i-Oddball, aphinde abe noSandile Mbatha, uBopha Sipho Mngidi “Blackman” Afm noMusa Zwane. Uchaza umsindo ngokuthi uyaphilisa futhi uyabakhulula ezinhlizweni.”
Ekhuluma ngokwamgqugquzela ubabonga bobabili abazali bakhe ngethalente lakhe lomculo. Unina noyise babekhuthele kwezobuciko. Ubaba wakhe wayengumphathi wendawo edumile i-Kippies Jazz kanti umama kaKhumalo wayengumfundisi wezobuciko bezingane.
Usebenza njengomhleli nomdwebi wamabhayisikobho ngaphezu kokuba nekhono lomculo.
Echaza umculo wakhe, uthe lo msindo we-jazz uhlukile kakhulu.
UKhumalo nozakwabo abathathu sebecule bukhoma esiteji se-FukWhatYouHeard, i-The Compound, e-Bertrands e-Maboneng, e-Kitcherners, kwi-Sawubona Music Jam nezinye izindawo eziningi.
Ukuba sesiteji uthe “kufana nesipiliyoni esikhulu” sokuthi uzazi ukuthi ungubani futhi ubheke phambili kulokho abantu abaningi nabaculi abakusabayo okusiza ukukhulula umphefumulo wakho futhi kuyasiza ukuthi ujabulele into oyenzayo.
Esithombeni esingenhla: UThula Khumalo ecula kwi-Oddball
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe