UBonang udlibhize ungqongqoshe

Farida Joyce

Imigubho ye-Wafcon kaNgqongqoshe wezeMidlalo uNathi Mthethwa imisiwe ngoMgqibelo ngemuva kokuthi isilomo sabezindaba uBonang Matheba emgxeke ngezinto eziyiqinso.

Ngemuva kokunqoba kwelakuleli ngamagoli amabili lwelilodwa bebhekene ne-Morocco ngoMgqibelo kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) uMthethwa ubhale ku-Twitter ukuthi “Kuyintokozo ukuthi ibhola lakuleli liphinde lafinyelela esicongweni sebhola okokuqala ngqa selokhu lagcina ngonyaka ka-1996. Impela indondo iza ekhaya eMzansi.”

Akuphelanga sikhathi esingakanani esanda kuhalalisela iBanyana wabe esehlala phezu kwakhe uMatheba wagasela kuye esola nohulumeni ngokungayiniki lutho iBanyana ekunqobeni kwayo.

“Ngoba akukho osekuke kwenziwa kusukela ngo-1996! Ngiyamangala ukukuzwa ubongela iBanyana eningakaze niyinake ngalutho okungcono thola umsebenzi omusha,” kubhala uMatheba ku-Twitter.

Abantu abaningi abasebenzisa izinkundla zokuxhumana bagxumele ukusiza uNgqongqoshe, njengoba iningi labantu lakuleli belibungaza ukunqoba kweBanyana Banyana kungakhathaliseki ukuthi balisizile ukuthi bawine noma cha.

Nokho baningi abanye abavumelana naye.

UMthethwa usenesikhathi efuna ukugudluza uNgqongqoshe wezemidlalo, amaciko namaSiko kanti useke wamgxeka ngokuhluleka ukukhokhela iBanyana Banyana amaholo afana nozakwabo besilisa.

Ngesikhathi iBanyana Banyana ihlula i-Zambia ekuqaleni kwaleli sonto ukuze iye kowamanqamu, uMthethwa uhalalisele iqembu labesifazane. Ngaphandle kokunanaza uMatheba unxuse uMthethwa ukuthi abakhokhele laba besifazane.

UBonang uke wabhala ku-Twitter ukuthi “ngiyacela ukuthi uvule isikhwama semali yakho kukhokhelwe laba besifazane ngomsebenzi wabo omuhle abawenzile, angithi ufuna babuye nayo indondo?

 UMthethwa wayefuna uNgqongqoshe ehle esikhundleni ngesikhathi kuvela izinhlelo zokugxumeka ifulegi lika-R22 million e-Freedom Park.

Izihloko zakamuva