UBobi Wine uhlulwe kulomzuliswano, kodwa uyikusasa le-Uganda

Arthur Greene

Umculi wase-Uganda uBobi Wine uthe “ukhathazekile ngempilo yami nangempilo yomkami”, njengoba esavalelwe endlini ngemuva kokuthi imbangi yakhe yezepolitiki uYoweri Museveni inqobe ukhetho lwangesonto eledlule.

Yize abeluleki abakhulu bakaWine kungenzeka ukuthi baboshiwe noma bacashile, iqembu lakhe, i-National Unity Platform, lizoqhubeka nokudlala indima enkulu kwezepolitiki zase-Uganda.

Kuwo wonke umkhankaso wobumengameli lo mculi owayecula i-reggae waxwayisa abalandeli bakhe ukuthi mancane amathuba okuthi ukhetho lube ngolukhululekile noma olunobulungiswa.

UMuseveni, onqobe ukhetho lwase-Uganda olwedlule, uzichithile lezi zinsolo zokukhwabanisa, wamemezela “ukhetho olungenabo ubuqili” emlandweni wezwe.

Kodwa-ke, amavidiyo aqhamuke ngesonto eledlule ezinkundleni zokuxhumana abonakale ekhombisa ukukhula kwamasosha ezweni lonke.

Futhi, ngaphambi kosuku lokuvota uhulumeni wavala i-inthanethi, isenzo esigxekwe ngabaqaphi bokhetho.

Ngaphandle kwale ngcindezi yabavoti, uMuseveni oneminyaka engama-76, uthole kuphela cishe amaphesenti angama-59 amavoti, okungukwehla okukhulu okhethweni lwezwe lwango wezi-2016.

Ngakolunye uhlangothi, imikhankaso yeqembu likaWine yezidingo eziyisisekelo njengokuthuthukisa ukufinyelela kwezempilo, ezemfundo, amanzi ahlanzekile nobulungiswa kudonse ukwesekwa kwabantu abasha ezweni lonke.

Uphinde wakhankasa kakhulu ngodaba lwe-coronavirus, kwathi ngoNdasa wakhipha iculo lezemfundo lokuthi ungazivikela kanjani kuleligciwane.

Ngesikathi uMuseveni ezothokozela eminye iminyaka emihlanu yokuphatha, abaningi bacabanga ukuthi le minyaka kuzoba ukuhwalala kokubusa kwakhe kweminyaka engama-35.

Umsebenzi wezepolitiki kaWine, ngakolunye uhlangothi, ungaqala nje, njengoba umthelela wakhe ekhaya nakwamanye amazwe uqhubeka nokukhula.

Lokho akushoyo nakwenzayo kungagqugquzela izigidi e-Uganda naseAfrika yonkana lapho izinhlangano zezombusazwe ezisencane la ezinomthelela khona.

Izihloko zakamuva