Dylan Bettencourt
Umphathi weqembu le-Kaizer Chiefs uBobby Motaung usezithole esenkingeni nenkampani yaseNingizimu-Afrika ethatha intela (i-SARS) ngenxa yokuhluleka ukukhokha intela yenkampani.
U-SARS ufuna izigidi ezingama-97 zamarandi ezingakhokhiwe inkampani ebizwa ngokuthi iNthwese Investment Holding Consortium lapho khona uMotaung ubengumqondisi kuyo. UMotaung nabalingani bakhe baphumelele ukukhokha imali eyizigidi eziyi-7 zamarandi kule mali efunwe u-SARS.
UBobby indodana kaKaizer Motaung, wasungula iNthwese Investment wathenga amashezi ezinkampanini eziningi. Ngonyaka wezi-2007 bawadayisa sebawabiza izigidi ezi-183 zamarandi.
Ngemuva kwemali eyakhokhelwa abakweletwayo kanye nabatshali bezimali, izigidi ezi-3 zamarandi bazibamba ngoba befuna ukukhokhela intela, kodwa u-SARS awuzange uyithole leyo mali.
Izigidi eziyi-8 zamarandi kubikwa ukuthi zakhokhela inkampani kaKaizer ne-Kaizer Holdings njengesikweletu ababezosikhokha, kodwa yayingekho imibandela ukuba bazoyikhokha kanjani.
Isitatimende sasebhange esikhombisa ukuphuma kwezimali zenkampani siveza ukuthi intela yemali engenayo yayizoya ka-SARS imali eyizigidi ezingama-62 zamarandi, kodwa ayizange ifike ka-SARS leyo mali.
U-SARS wanikezwa imvume yokupequlula inkampani eyakhishwa inkantolo ephakeme yaseThekwini eyathatha isinqumo esiwujuqu ngoNhlaba ngowezi-2018.
Ama-liquidators athe abaphathi beNthwese holdings bacela ukusizwa ngenkampani ngesikhathi inezinkinga, kodwa sachithwa leso sicelo.
Inkampani kaMotaung inesikweletu sezigidi ezi-110 zamarandi, kodwa ama-liquidators athe bathole imali eyizigidi ezingama-20 zamarandi, okwenza kube nemali eyizigidi ezingama-90 zamarandi eshodayo.
Yize kunjalo inkampani kaMotaung igwema ukukhokhela intela nokwenza inkokhelo yomgunyathi, kanti imali okumele bayikhokhele u-SARS izosulwa. Imbangela yalokho ukuthi iNthwese investments icwile ezikweletini futhi ayisasebenzi.
UMotaung nabalingani bakhe kukancane ukuba babhekane nemiphumela yezenzo zabo.
Umthobo wesithombe: @BusinessLIVE