I-Kaizer Chiefs inikezwe i-two-window ban ngokuthenga uAndriamirado ‘Dax’ Andrianarimanana waphesheya kwezilwandle wase-Malagasy, kodwa imenenja ye-Chiefs, uBobby Motaung, umile kwelokuthi le kilabhu ayenzanga lutho olubi.
INkantolo Yezokulamula Kwezemidlalo (i-CAS) isichithile isicelo se-Kaizer Chiefs sokuphikisana nokuvinjelwa. I-Chiefs ayivumelekile ukusayina noma ukubhalisa abadlali ngamawindi amabili alandelanayo okushintshana ngabadlali.
UMotaung utshele i-SAfm Sport On ukuthi balandele yonke imigudu ekusayinisweni kukaDax (Andriamirado Aro Hasina Andrianarimanana) wase-Fosa Juniors, ngoba wayedlala ibhola ngaleso sikhathi e-Madagascar.
“Besingeke silidlulise icala uma senze iphutha. Ngingahlala lapha ngichaze lolu daba usuku lonke kodwa iqiniso ukuthi lolu daba lufakwa kwipolitiki yi-CAF ne-Madagascar FA”. Kusho uMotaung.
“Asikweleti muntu ukuxolisa. Kungani kufanele sixolise? Bekukhona ukungenelela kwezepolitiki lapha.”
Uthe baphoqelekile ukuthi basamukele lesi simo.
“Sithathe isinqumo sokuthi siligwinye lishisa itshe, samukele isimo sinjena siqhubeke nempilo,” uyasho.
Ukuvinjelwa kwe-CAS kuzoba khona ewindeni amabili alandelayo okudlulisa. Amakhosi azokwazi ukusayinisa abadlali kuphela ewindini likaNhlangulana-Ntulikazi kowezi-2021.