UBlxckie ukhiphe ividiyo yengoma yakhe eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

Umculi we-Hip Hop osemusha embonini yezomculo uBlckckie, owaziwa ‘ngelikaSomnyama Yena Yedwa’, akazibekile phansi njengoba eqhubeka ekhiqiza umculo.

Kusadlule amasonto ambalwa nje ngemuva kokukhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi-B4NOW (Before Now) mhla zingama-21 kuNhlaba. Lokho kungemuva kokukhipha izingoma ezine ezishisa izikhotha okubalwa kuzo ethi ‘Big Time Shlappa’ ayicula noLucasRaps.

Manje ubuyile nevidiyo yomculo ebilindelwe kakhulu yengoma ethi-‘Ye x4 ‘ ayicula noNasty C.

Ngokungafani noChris Brown owathi ‘Yeah x3’ ngesikhathi esafika emculweni, kanti uBlckckie bekumele athi yebo kane ukuze agcizelele yonke into ihamba ngendlela kanti futhi ikhorasi yengoma ethi ‘ye ye ye ye’ iyintandokazi ka-Blxckie.

Abalandeli abaningi abebelindele ukubona uNasty C esithombeni esisodwa noBlxckie abadumaIanga ngevidiyo yomculo ethwetshulwe endaweni yokupaka izimoto, ikhombisa laba barepha ababili bejika phambi kwemoto kanokusho

 UBlxckie, osezinze eGoli ngemuva kokushiya iTheku ngaphambi komvalelo, usebenzise le vidiyo yomculo ukugcizelela ukuthi uphila iphupho lakhe. Kodwa ngeke ukwazi lokho ngaphandle kokuthi ubuke yonke ividiyo yomculo eyimizuzu engu-3: 11.

Uvuka esephusheni lokuba kuvidiyo yomculo noNasty C ekugcineni kwengoma.

Ividiyo eqale ukukhonjiswa ngoMsombuluko mhla zi-14 kuNhlangulana ngowezi-2021 isibukwe ngabayizi-160 000 futhi isaqhubeka nokubukwa.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva