UBlack Coffee uyishaye indiva imthetho ye-Covid ngesikhathi edlala eKapa

Dylan Bettencourt

Isilomo sikaDJ wakuleli, uBlack Coffee ube ngundabuzekwayo njengoba kusabalale amavidiyo akhombisa yena edlala isigubhu endaweni yaseKapa ebigcwele abantu abaningi abanye besendaweni yokudansa bengayinakile imithetho yokuqhelelana kwabantu futhi bengazigqokile nezifonyo.

Abantu baphawule ezinkundleni zokuxhumana bebiza lo mcimbi njengesizinda sokusabalalisa igciwane futhi ukungayicabangeli iNingizimu Afrika lokhu njengoba kunosongo lwegagasi lesithathu lwegciwane elisondela esizweni.

I-tweet engenhla ikhombisa isigameko esenzeke ngempelasonto lapho abebehambele lo mcimbi kucace bha ukuthi abayilandelanga imithetho ye-Covid-19 kanti nezivakashi bezingazigqokile izifonyo futhi zingaqhelelene.

URoss Bowers, umphathi wezokumaketha nezokuxhumana e-The Silo Hotel lapho okwenzeke khona lo mcimbi ukhulume nabakwe-IOL wathi: “Yonke le ndawo i-The Silo Hotel, kubandakanya yonke indawo yokuhlala, ibhukhwe ngasese ngoMgqibelo ngokuhambisana nemithetho kanye nemikhawulo ye-Covid-19. Yonke imithethonqubo ibilandelwa uma ufika noma usungena ngaphakathi. Ngenxa yokuthi ibiyimfihlo, ihhotela belivaliwe kumphakathi.”

Umthombo wesithombe:  @eNCA

Izihloko zakamuva