UBlack Coffee uthole eyama-Grammy

Sizwe Sibiya

UBlack Coffee usephinde wahlomula ngendondo yamazwe ngamazwe, ewina indondo ye-Grammy ye-Best Electronic/Dance Album.

UBlack Coffee, ogamalakhe langempela nguNkosinathi Maphumulo, waba ngowokuqala waseNingizimu Afrika ukuthola indondo ye-Best International Act – i-Africa Award kwi-BET ngo-2016.

Usephinde wakwenza futhi ngokuwina indondo ye-Grammy ye-Best Electronic/Dance Album. Ulande indondo ehamba nendodana yakhe endala u-Esona emcimbini obuse-MGM Grand Arena e-Las Vegas ngeSonto, mhla zintathu kuMbasa.

I-albhamu ethi-Subconsciously emsize ukuthi awine encintisana nama-albhamu kaDJ Marshmello kanye noDJ Major Lazor iyi-albhamu yakhe yesikhombisa eyakhishwa ngoNhlolanja nyakenye inezingoma ezingu-12 ezazifaka abaculi abakhulu abafana no-Usher, uDavid Guetta, uDiplo kanye noPharrell Williams.

“I-albhamu iphonsela inselelo imisindo nezitayela eziningi ngenkathi nami ngingagudluki ezimpandeni zami. Bengifuna ukwenza i-albhamu engeke ilalelwe kuphela emotweni noma ekilabhini kodwa nalapho uhlanza indlu, ubhekene nobunzima nakho konke okungabakhona,” kusho uBlack Coffee emukela indondo.

Amanye amaciko ase-Afrika avelele aphumelele kakhulu kuma-64th Grammy Awards kubalwa u-Angelique Kidjo wase-Benin owine indondo ye-Best Global Music Album nge-albhamu yakhe yangonyaka odlule ethi-Mother Nature.

Khonamanjalo, uMzansi uphinde wabungaza usomahlaya uTrevor Noah osephathe uhlelo lwama-Grammy Awards ngempumelelo okwesibili kulandelana.

Umthombo wesithombe: @BlackCoffee

Scrolla World Cup Quiz