UBlack Coffee uhlangana noWill Smith e-Ibiza

Lubhalwe nguRorisang Modiba

U-DJ waseNingizimu Afrika uBlack Coffee uhlangane nomlingisi uWill Smith e-Ibiza.

UBlack Coffee ogamalakhe langempela uNkosinathi Innocent Maphumulo ufake lezi zithombe ku-Instagram, ekhombisa ehlangana noWill Smith owawina amaGrammy amahlandla amane.

Ukuhlangana naye uBlack Coffe ukubiza lokhu njengento ehlonipheke kakhulu.

UWill Smith ubelokhu ejabulela indawo yomculo e-Ibiza, ese-Island e-Spain esise-Medithera, kanti kuthiwa uphezu komsebenzi wokukhipha umculo omusha.

Ukumbona noBlack Coffee kwenza abalandeli bazibuza ukuthi kungenzeka yini basebenze ndawonye emsebenzini othile.

Bobabili uBlack Coffee noWill Smith basebenze nezinye izihlabani ezaziwayo, uBlack Coffee uhlanganyele nezihlabani ezifana noDrake, David Guetta no-Usher.

Njengamanje, uBlack Coffee usohambweni lwasehlobo, unandisa ezindaweni ezifana ne-Ibiza, e-Barcelona nase-Mykonos.

Ngasekuqaleni konyaka, uthathe ikhefu elincane ngemuva kwengozi yendiza, kodwa wabuya ngamandla e-US futhi waqala indawo i-Hi Ibiza Saturdays ngoNhlaba, ezoqhubeka kuze kube uMfumfu.

Isithombe esingenhla: UBlack Coffee noWill Smith.

Umthombo: Instagram

Izihloko zakamuva