UBlack Coffee ubonakale okokuqala ekwiSona emva kokulimala

Amavidiyo kaDJ Black Coffee obehambele inkulumo yesizwe kaMengameli Cyril Ramaphosa asabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi lo mculi ebonakala okokuqala emphakathini selokhu alimala engozini yendiza kusanda kuqala inyanga edlule.

Lo mculi ongumkhiqizi wezingoma futhi odume umhlaba wonke ngethalente lakhe, kanti useke wawina nendondo kuma-Grammy, ubehambele inkulumo yesizwe eCape Town City Hall ngoLwesine ephelezelwa indodana yakhe, u-Anesu ayikhulisa no-Enhle Mbali

Imboni yomculo nabalandeli badlulise imikhuleko nemiyalezo yokweseka uBlack Coffee ogama lakhe langempela uNkosinathi Maphumulo, kulandela ukuvela kwezindaba zengozi yakhe eyenzeka ephuma e-Brazil eyocula e-Mar del Plata, e-Argentina.

Isitatimende esikhishwe yithimba lakhe sithe ngaphambi kokuba aphume esibhedlela ubenakekelwa kahle kakhulu ezungezwe othandibeyo bakhe.

Njengoba uBlack Coffee esalulama, kumenyezelwe kwabezindaba kanye nabalandeli bakhe ukuthi bambekezelele futhi bahloniphe ukululama kwakhe.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stud

Isithombe esingenhla: UBlack Coffee.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva