Ubizo lukaNkulunkulu ukuthi ngenze ubucwebe

Lubhalwe nguKhaya Ndaba

“Mhlawumbe kungenxa yenkani yami, kodwa angikwazanga ukwenqaba ubizo lukaNkulunkulu ngesikhathi engitshela ukuthi ngibe ngumenzi wobucwebe.”

UThemba Mantshiya (35), ongumsunguli we-TMDS Africa Jewellery, ungumKristu okholelwa ukuthi izikhathi ezikhethekile zokuphila zidinga ukubungazwa ngezipho zobucwebe ezingaphelelwa isikhathi.

“Ubucwebe buyisikhumbuzo esingadluliselwa ngisho kwisizukulwane esiseza,” kusho uMantshiya.

Utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngo-2011 kwakumele akhethe ukuba unjiniyela noma umenzi wobucwebe, kodwa wanquma ukwenza ubucwebe.

Uzalelwe e-Northam, e-Limpopo emndenini ogxile kakhulu kwinkolo yobuKristu. Izihlobo zikaMantshiya azizange zimeseke ekujaheni iphupho lakhe lokwenza ubucwebe.

“Umuntu nomuntu uyakhethwa ukuthi kumele enzeni empilweni. Ngingumshumayeli, ngishumayela izwi likaNkulunkulu ngobucwebe,” kusho uMantshiya.

Ufunde ekolishi e-Rustenburg Orbit TVET College ngo-2010 kwathi ngo-2012 wafunda eNyuvesi yaseGoli. Ngo-2015 uthole umfundaze wokuvakashela e-Italy ukuze enze izifundo zokukhiqiza ubucwebe.

“Ngibe nethuba lokusebenza e-Amsterdam noma e-Italy, kodwa ngabona ukuthi mkhulu umsebenzi wokukhulisa imakethe yobucwebe ezweni lase-Afrika.”

Ubucwebe bakhe buyafana nobucwebe obakhiwe ngabakwa-Hershey’s, Galaxy Co noma i-Sterns. Benziwe ngezandla futhi bufanela abantu abahambisana nesitayela esihlukile esihambiselana nomcimbi abasuke beye kuwo ngaleso sikhathi.

“Lokhu kumayelana nokugubha izikhathi ezikhethekile zempilo. Kuyindlela yami yokwabelana ngothando nomhlaba ongizungezile.”

Wenze intuthuko enkulu ngebhizinisi lakhe njengoba esevule isitolo sokudayisa eGoli, e-Newtown Junction.

Umkhiqizo wakhe uveza i-Wearable Art Workshops ukwenza ubucwebe ngezinto ezigaywa kabusha.

“Ukufundisa intsha ukuthi iguqule into engasasebenzi ibe into eyigugu ikhona okwangithathisa isinqumo sokuqala i-TMDS Africa Foundation, egxile ezinhlelweni ezihlomulisa intsha.”

Ufuna ukuqhakambisa ibhizinisi lakhe ngendlela efana nekaHermes ongumkhiqizi kanokusho odume ngobucwebe bakhe, imikhiqizo yezimonyo, izicathulo zabesifazane kanye ne-Birkin Bag.

“UHermes uwuphawu oluhluke kakhulu. Ngiyayithanda imodeli yebhizinisi labo futhi yilapho engifuna ukuyisa khona ibhizinisi lami.”

Muva nje usesebenzisane nabanye abenzi bobucwebe esitolo sakhe ukuze bakhangise, badayise futhi baveze umsebenzi wabo emakethe yokudayisa. Uhlela ukuvula izitolo emazweni esikhathini esizayo futhi andise umsebenzi wakhe wokusiza umphakathi kwelakuleli.

Osesithombeni esingenhla: UThemba Mantshiya

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva