UBig Zulu uhlonipha uRiky Rick ngengoma

Sizwe Sibiya

Emahoreni angu-48 ngemuva kokuthi kuqinisekiswe ukushona kukaRiky Rick ngumndeni wakhe, umngani walo mculi ophinde asebenzisane naye emculweni, uBig Zulu we-Inkabi Records, usebhale waphinde waqopha ingoma yokuhlonipha “umfowabo” ongasekho.

Ingoma iqala ngesiqeshana sezwi likaRiky Rick ethi “Uma kuwukuthi ngeke uphinde ungizwe ngikhuluma, ngiyakuthanda”, bese ithi “A Tribute to our Friend & Brother (Lala Ngoxolo)”.

UBig Zulu usebenze noRiky Rick engomeni yakhe eshisa izikhotha yango-2020 ethi, “Imali Eningi”. Manje usehlangene nabaculi bakhe uMduduzi Ncube kanye noSiya Ntuli ukuze bakhiqize ingoma ye-Afro-Pop yomculi we-hip hop ongasekho.

Yize engomunye wabaculi abasatshwayo eNingizimu Afrika ngenxa yokuchitha isikhathi sakhe  embonini yamatekisi, uBig Zulu uhlengezele izinyembezi ngesikhathi ekhuluma bukhoma ku-Instagram ngemuva kokuzwa izindaba zokudlula emhlabeni kukaRiky Rick.

“Angiqondi ukuthi ukwenze kanjani lokhu akwenzile, uRiky ubengubaba wemboni yozomculo,” kukhala uBig Zulu.

“Nguyena obesipholisa amanxeba uma sisezinhlungwini”.

Ingoma isibukwe abantu abangaphezu kuka-100,000 esikhathini esingaphansi kwamahora angu-10 kusukela iqale ukukhonjiswa kwi-akhawunti ye-YouTube ye-Inkabi Records. Kanti, njengoba ingekho imininingwane mayelana namalungiselelo omngcwabo womrepha, okungenani abalandeli banale ngoma eshukumisayo yokukhumbula uRiky Rick.

Umthombo womsindo: YouTube

Izihloko zakamuva