UBig Zulu uhlomule ngezindondo eziyisikhombisa emcimbini wama-Hip hop Awards

Sizwe Sibiya

Kubukeka sengathi uBig Zulu uzosithola lesi “sithabathaba somuzi” asithembise isithandwa sakhe engomeni yakhe ethi “Umuzi eSandton”, ngemuva kokuhlomula ngezindondo eziyisikhombisa emcimbini waminyaka yonke wama-South African Hip Hop Awards ngoLwesihlanu.

UBig Zulu ogama lakhe langempela uSiyabonga Nene oqhamuka e-Bergville KwaZulu-Natali ukufakazele ukuthi uyi-goat kumculo we-hip hop waseNingizimu Afrika. Uhlule abarepha abavelele kuleli ngezindondo, okubalwa kubo uNasty C, uCassper Nyovest, u-A-Reece noBlxckie.

UBig Zulu udle umhlanganiso emiklomelweni yeshumi yaminyaka yonke yowe-SAHHAS enqoba lezi zindondo ezilandelayo:

  • Song of the year – “Imali Eningi”
  • Best collabo – “Imali Eningi” 
  • Best video – “Imali Eningi” (ethwebulwe abe-Ofentse Mwase Films)
  • Best album – Ichwane Lenyoka
  • Best male award
  • Ubuntu activism award
  • Best digital sales award

“Izindondo eziyisikhombisa, angazi ukuthi ngithini mphakathi. Ngiyabonga kakhulu (angazi ukuthi ngithini” kubhale uBig Zulu ku-Twitter ebonga abalandeli bakhe ababizwa ngokuthi “iNkabi Nation”.

Le nsizwa eneminyaka engama-34 ubudala yaphenduka intandokazi yabathandi bomculo abaningi ngesikhathi ikhipha ingoma ethi, “Imali Eningi”. Le ngoma uyicula noRicky Rick no-Intaba YaseDubai, ocula kamnandi ikhorasi le ngoma kwazise yaze yathatha amehlo kaDuduzane Zuma ngenkathi simubona evela kuvidiyo edansela le ngoma ngonyaka wezi-2020.

UBig Zulu, ophinde abe ngumshayeli wezimoto eGoli, ubambe elikhulu iqhaza ekuthuthukiseni umculo we-hip hop waseNingizimu Afrika njengoba ecula ngesiZulu kuphela. Uletha nesakhe isigqi esiyingqayizivele esinomculo wesintu.

Lesi sitayela sakhe sesimfakele kabili izingoma zakhe eculweni wonyaka lomsakazo Ukhozi FM. Bekunguye yedwa umculi we-hip hop ohlwini ngonyaka wezi-2020 onengoma ethi “Imali Eningi” nasohlwini lwakamuva lwangonyaka wezi-2021 olunengoma ethi “Umuzi eSandton,” ayicula noLwah Ndlunkulu.

Khonamanjalo, “Umuzi eSandton” uphume kwicwecwe lakhe lokuqala elithi Ichwane Lenyoka esibukwe izikhathi ezingaphezu kwezigidi ezi-3.6 ku-YouTube ezinyangeni ezine.

Izihloko zakamuva