UBig Zulu ubukise ngeGcokama emcimbini we-EFF

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UMrepha wakuleli uBig Zulu ubukise ngeGcokama Elisha embuthanweni we-EFF ngesikhathi engena ngamabomu enkundleni iMoses Mabhida kwabonakala abathandi bomculo beshiya iGcokama lisadlala begijimela kuye.

Kwale noma iGcokama selikhuza iziqubulo zalo ezithandwa abalandeli balo kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.

Abantu bavele bagxumela uBig Zulu bamjabulela.

Ngaleso sikhathi uBig Zulu ubelokhu ehla enyuka engxenyeni yenkundla ephakamisa izandla ebingelela njengo sopolitiki.

IGcokama livele layiyeka ingoma ebeliyidlala, laqala lena ethi-Paris enezinhlamvu ezithi kuyangokuthi ungubani.

Ushaye leyo ngoma kodwa uBig Zulu waqhubeka wazihambela nabalandeli beseduze kwakhe baze bavinjwa onogada ngoba esedlulela ngasesteji lapho obekunandisa khona iGcokama.

Kwenzeka lokhu nje laba bacula basanda kuthelelana amanzi ekuqaleni kwale nyanga ngemuva kokuthi uBig Zulu afuna ukuqumba iGcokama ngequpha.

Kuthiwa impi yaqalwa iGcokama ngesikhathi lihlasela uBig Zulu limsola ngokukopela isitayela salo sokugqoka Brentwood, lathi ungumkokotelo.

Lokhu kuthiwa kwamdina uBig Zulu wathi lapho abayohlangana khona buyochitheka bugayiwe ngoba kuyoqhuma isibhakela.

Kuthiwa ngesikhathi behlangana e-Montrose eMpumalanga, iGcokama laphuma ngesamagundane langena emotweni yandiza ngoba libalekela uBig Zulu okuthiwa wayethi uyaliqeda ngesibhakela.

Kwenzeka lokhu nje kuthiwa iGcokama beseliqale laduba ekuseni kulo mcimbi  lahamba ngoba lidinwa ukuthi liyeqiwa kufakwa abanye abaculi esteji.

Lona lize labizwa ntambama nakhona kuthe uma selizongena umholi we-EFF uJulius Malema nabanye bavele bahamba ngemuva kokuthi bebelokhu bedansa noThobekile, uJumbo kanye noThina Zungu.

IGcokama idume ngokuba nenhliziyo encane nokushaya izintatheli uma zilibhale kabi.

Phakathi kwezintatheli esezike zabhekana nolaka lweGcokama kubalwa uCharles Khuzwayo noMthobisi Sithole. 

Izihloko zakamuva