Dylan Bettencourt
UBianca Buitendag uhlabane ngendondo yokuqala yeNingizimu Afrika yokuntweza kuma-Olimpiki okube indondo yesibili osukwini – ngemuva kokuthi uTatjana Schoenmaker ethole indondo yesiliva ku-100m breaststroke yabesifazane.
Amaphuzu kaBuitendag angu-8.46 aqinisekise indawo yakhe yesibili kumdlalo wokuncintisana nowaseMelika uCarissa Moore, othole u-14.93.
UBuitendag ulwe kanzima ukuthola amagagasi afanele kowamanqamu. Akakwazanga ukuqhubeka nefomu yakhe, kodwa usezakhela umlando njengomuntu wesifazane wokuqala ukuthola indondo yesiliva emncintiswaneni wokuntweza olwandle.
Lo mdlali oneminyaka engama-27 ubudala wase-Victoria Bay ube nemiphumela emangalisayo eyandulela owamanqamu, eshaya uStephanie Gilmore, umpetha womhlaba amahlandla ayisikhombisa futhi wehlula uYolanda Hopkins noCaroline Marks.
Owakuleli ungene kulo mqhudelwano esendaweni ye-17 kanti bekungalindelekile ukuthi afinyelele kowamanqamu.
Ukwenze lokho ngendlela emangazayo noma esalele emuva uma kuqhathaniswa namaphuzu okuqala atholwe uMoore.
OwaseMelika ungene kuma-Olimpiki ase-Tokyo njengoyintandokazi enkulu ezonqoba igolide futhi wakwenza lokho ngokukhulu ukuzimisela kowamanqamu.
Umthombo wesithombe: @ TeamSA2020