Ubhukuda ezikweletini umasipala wase-Ekurhuleni 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ukuhlinzekwa kwezidingongqangi kuMasipala wase-Ekurhuleni kuyawohloka futhi kusolwa ukuphathwa kabi kwezimali.

Ngemuva konyaka umfelandawonye oholwa i-DA uqalile ukusebenza, ukuhlinzekwa kwezidingongqangi akukho kusukela ekusikeni utshani namanzi ahlanzekile agelezayo kuya ekuqoqweni kukadoti nokuhlinzekwa kukagesi.

Uma ushayela phakathi nalo Masipala uhlangatshezwa inqwaba yemfucumfucu engaqoqiwe.

Indle igeleza emigwaqeni kanti izikhungo zomphakathi njengemitholampilo, imitapo yolwazi kanye nezikhungo zezinsiza zimbozwe utshani obude futhi zibukeka zilahliwe.

Embikweni oputshuziwe wezezimali obonwe i-Scrolla.Africa, umasipala omkhulu ukweleta u-Eskom imali engaphezu kuka-R1.2 billion wokuphakela ugesi omningi kanye ne-Rand Water imali engaphezu kuka-R800 million yokuhlinzeka ngamanzi ngobuningi.

Kusolwa ukuthi ingaphezulu kuka-R180 million imali ekhokhwa ngabasebenzi bakaMasipala, kanti i-PAYE ayikakangeni kwa-Sars futhi no-R170 million weminikelo yabo yempesheni nawo awukafakwa.

Abahlinzeki bezinsizakalo abanenkontileka sebehoxise izinsiza zabo kumasipala omkhulu njengoba umasipala ukweleta ama-invoyisi angaphezu kuka-R1.6 billion angakakhokhwa.

NgoLwesithathu olwedlule u-Eskom unqume ukunqamula ugesi emtapweni wolwazi e-Tsakani njengoba kunezinsolo zokuthi lesi sikhungo sikweleta inkampani ephehla ugesi imali engaphezu kuka-R10 million.

USotswebhu we-ANC Ekurhuleni, uMnu Jongizizwe Dlabathi uthe ngesikhathi uhulumeni oholwa i-DA uthatha izintambo wathola isamba semali engaphezulu kuka-R958 million esikhwameni kodwa ngoNhlangulana wawungakwazi ukuchaza ukuthi le mali iphelele kuphi.

“Inselelo yabo enkulu ukungakwazi ukuphatha izimali,” esho.

NgoLwesithathu, umasipala omkhulu ophelelwe ithemba uqinise izindlela zokuqoqa izikweletu kubo bonke abehlulekayo ukukhokha kuma-akhawunti abo.

Okhulumela uMasipala uZweli Dlamini uthe abanikazi bama-akhawunti abasazokhokha noma abenze izinhlelo zokukhokhela izikweletu zabo bazonqanyulelwa amanzi nogesi kuze kube sekukhishwe ubufakazi bokukhokha kuma-akhawunti abo.

Uqhube wathi basebenzisana namalungu omphakathi ukuhlanza zonke izindawo okulahlwa kuzo udoti ngokungemthetho.

“Sinikele ngezinsiza eziningi ezindaweni ukuze siqinisekise ukuthi isimo siyalawuleka.

“Ukungenelela kokuxazulula ezinye zezinselelo kumasipala sekulungile futhi kufanele kuveze imiphumela emihle maduze,” engeza.

Esithombeni esingenhla: Ukuntuleka kokulethwa kwezinsiza Ekurhuleni

Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo

Izihloko zakamuva