Dylan Bettencourt
Unjiniyela wase-Nigeria wenze ubhodisi ohlonza umdlavuza webele kusenesikhathi.
Lokhu kungase kusindise izinkulungwane zabesifazane.
UKemisola Bolanrinwa, ongunjiniyela wamarobhothi, uthe wakhe lo bhodisi ukuze avimbele noma isiphi isifo esingaqhamuka emabeleni.
Ngokusho kwe-World Health Organisation (WHO), ukutholakala komdlavuza webele sekudlule isikhathi kuyimbangela enkulu osekuholele ekutheni bangu-50% kuphela abesifazane okutholakale ukuthi banomdlavuza webele abaphila iminyaka emihlanu ngemuva kokuxilongwa.
Njengoba kutholakale izigameko ezingu-129,000 zomdlavuza webele ngonyaka ka-2020, umdlavuza webele uwuhlobo lomdlavuza ovame kakhulu kwabesifazane e-Sub-Saharan Africa.
UBolanrinwa uthe ubabekazi wakhe wabulawa umdlavuza webele ngo-2017 esibhedlela saseNyuvesi e-Ibadan, e-Nigeria.
“Lokhu kwatholakala sekudlule isikhathi,” kusho u-Bolanrinwa.
“Ewadini yakhe esibhedlela ngabona abesifazane abaneminyaka ehlukene, ngisho nabancane, bebubula ngezinhlungu zomdlavuza webele. Ngaba nomuzwa wokuthi kufanele ngifake isandla ekulweni nalesi sifo.”
Lo bhodisi akufanele ugqokwe nsuku zonke. Usebenza njengobhodisi abesifazane abangawugqoka emakhaya abo uma befuna ukuhlola umdlavuza webele.
Ngemuva kokuqala kwale projekthi ngo-2018 kanye nokwenza isibonelo sokuqala ngo-2020, uBolanrinwa uthemba ukuthi ubhodisi ungangena emakethe ngoNtulikazi.
“Senze ucwaningo lwasendaweni sathola u-70%. Sisebenzela ukuthola u-95% kuya ku-97% wokubamba lesi sifo kusanesikhathi” kusho lo njiniyela.
Le divayisi isebenzisa ubuchwepheshe be-ultrasound futhi iza ne-smartphone application ekhombisa lapho umdlavuza uqala khona ebeleni.
“I-smart bra kumele sigqokwe emabeleni imizuzu engu-30 ukuze umphumela ubonakale. Uhlelo lokusebenza luphinde lube nento ekuvezayo lokhu ukuze umphumela udluliselwe kudokotela,” kusho uBolanrinwa.
Ukwenza ubhodisi udayiswe ngamanani aphansi kuyinto ebaluleke kakhulu futhi iphrojekthi ixhaswa ngemali engenayo evela kumgexo owazisa abangani noma umndeni ngokunyakaza komuntu ngamunye njengesinyathelo sokuphepha.
Lo bhodisi uthole ukugunyazwa nguMnyango wezesayensi nobuchwepheshe e-Nigeria, uMnyango wezokuxhumana nomnotho wedijithali, kanye nekhomishana yezokuxhumana.
Umthombo wesithombe: @Mail&Guardian