Ubhekwe ngabomvu umqhudelwano wase-Afrika othandwa kakhulu

Dylan Bettencourt

Nakuba amaqembu amaningi ase-Europe ebhola ebona umqhudelwano we-Africa Cup of Nations (Afcon) njengento engenasidingo. Abantu base-Afrika bawuthatha lo mqhudelwano njengombukiso wokuziqhenya webhola lezwekazi lase-Afrika.

I-Afcon izoqala kule mpelasonto njengoba ukukhuluma sekuphelile, lo mqhudelwano wase-Afrika omkhulu kunayo yonke uzoveza ithalente labaningi enyangeni yokuqala yonyaka.

Ukuwina indebe kuhlezi kuwumsebenzi onzima njengoba kunamaqembu ayisithupha ahlukene aseke awina lo mqhudelwano emiqhudelwaneni eyisithupha edlule.

Lindela ibhola elimnandi, elijabulisayo, nelisheshayo ngoMasingana 2022 njengoba i-Afcon 2021 iqala ngeSonto lapho abadlala ekhaya i-Cameroon izobambana ngezihluthu ne-Burkina Faso ngo-6pm, kulandele i-Ethiopia ezobhekana ne-Cape Verde ngo-9pm ebusuku.

Lo mdlalo uzoqhubeka phakathi nesonto njengoba kunemidlalo eminingi ezokhonjiswa kwisiteshi se-DSTV 202 nsuku zonke phakathi nesonto nangezimpelasonto.

➤ I-FA Cup yamaqenbu e-Premier League izoqala kule mpelasonto emqhudelwaneni ohlinzeka ngamathuba amaningana kumaqembu amancane kulo lonke elaseNgilandi ukuthi adlale nompetha besigaba sokuqala.

Umdlalo womzuliswano ungoMsombuluko ebusuku lapho i-Manchester United izobhekana khona neqembu likaSteven Gerrard elihlose ukunenebula i-Manchester.

Unyaka nonyaka umzuliswano wesithathu awuvezi okuningi kakhulu ngemidlalo, kodwa kuhlale kunethuba lokuthi iqembu elincane lingahlula iqembu elikhulu elihamba phambili kwiligi engaphezulu kwalo okugcina sekudala njengoba uqhubeka umqhudelwano.

Yonke imidlalo ye-FA Cup ingabukelwa bukhoma kwisiteshi se-DStv 203 impelasonto yonke.

➤ Njengoba i-Premier League izothatha ikhefu kule mpelasonto ne-DStv Premiership isekhefini laphakathi nesizini, abalandeli bebhola bangabheka ku-Serie A ukuze bathole umthamo wabo webhola leligi njengoba kuzobe kuzodlalwa imidlalo emibili eshisayo ngeSonto ebusuku.

Iqembu likaJose Mourihno lase-Roma lizodlala ne-Juventus edonsa kanzima empini yokuqala yesizini yokuhlungela indawo kwi-Champions League. Umdlalo phakathi kwalezi zinhlangothi zombili uvame ukuvusa udweshu, kanti ukufaka uMourinho kuleyo ngxube kwenza ukuthi umdlalo ubaluleke kakhulu.

Umdlalo wamagqubu phakathi kwala maqembu womabili uzoqala ngo-7:30 ebusuku ngeSonto.

I-Inter Milan izobhekana ne-Lazio ngo-9:45 ebusuku ngeSonto lapho okufanele iwine njengoba omakhelwane bayo i-AC Milan ibalandela eduze esicongweni seligi yase-Italy. Yomibili le midlalo izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 205.

Umthombo wesithombe: @Eurosport

Izihloko zakamuva