Ubhekwe ngabomvu ozoba yifolosi le-IFP kwesobuNdunankulu

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Isigungu esiphezulu se-IFP sesithathe isinqumo sokuba simemezele umholi esizofolosa ngaye njengoNdundunankulu waKwaZulu-Natal. 

Lokhu kuvezwe okhulumela i-IFP uMnuz Mkhuleko Hlengwa esitatimendeni asikhiphe ebusuku ngeSonto ngemuva komhlangano we-Extended National Executive committee obuseMpangeni.

Kwenzeka lokhu nje kuthiwa kukhona abafuna uSihlalo waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli ukuthi abeyifolosi.

Kodwa-ke, kunabanye okuthiwa bakholelwa ekutheni ngokomlando we-IFP uSihlalo kazwelonke nguye ovamise ukuba ifolosi. UNtuli uke waba uthishomkhulu wayeseba iMeya eNkandla.

Umthombo uthe kukhona abebefuna uSihlalo kazwelonke uMnuz Blessed Gwala. UGwala uke waba uNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi KwaZulu-Natal. 

I-Scrolla.Africa siphinde sahabula nokuthi kukhona ababona uNkk Thembeni kaMadlopha Mthethwa njengo wesifazane onamava njengoba kuthiwa amagalelo akhe eseyiMeya yaseJozini ayemangaza.

Uke wahola uPhiko lwabesifazane be-IFP ngemuva kokuhamba kukaNkk Thembi Nzuza.

Ngokomlando uNdunankulu wokuqala wesifundazwe ngaphansi kukahulumeni wentando yeningi okwaba uDkt Frank Mdlalose wayenguSihlalo kazwelonke we-IFP.

UDkt Ben Ngubane owalandela yena kwesobuNdunankulu, wayenguSihlalo kaZwelonke kodwa ebambile.

UDkt Lionel Mtshali owaba uNdunankulu wokugcina ngaphansi kwe-IFP naye wayenguSihlalo kazwelonke weqembu.

Ngo-2009 iqembu lafolosa ngoNkk Zanele kaMagwaza Msibi naye owayenguSihlalo kaZwelonke .

Omunye umholi okuthiwa ubebhekwe ngabomvu uMfundisi Musa Zondi osanda kushaya ibuya kwezepolitiki.

UZondi ukewaba iphini likaNgqongqoshe kazwelonke kusuka ngo-2001 kuya ku-2004.

Ungomunye wabaholi abahlonishwayo ku-IFP kanti usanda kuqokwa njengelungu loMhlahlandlela nelesiShayamthetho.

“UNtuli uke wayiphakamisa ngesonto eledlule indaba yokuba kukhulunywe ukuthi ubani iqembu elizofolosa ngaye. Kodwa bamthulise kabuhlungu bathi yini esimshisa kangaka ngoba yena usevele ushilo ukuthi akakaze athi ugaqele ukuba ifolosi. Impela sibheke ngabomvu ukuthi kusasa baqoka bani ngoba phela uMengameli uVelenkosini Hlabisa obekhuluma le ndaba kodwa abanye bebesho ukuthi akagxile kuzwelonke njengoMengameli,” kusho umthombo.

Izihloko zakamuva