Ubhekwe ngabomvu owokuqala weBanyana kweyomhlaba

Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umbhali wezemidlalo

IBanyana Banyana izoqala umkhankaso wayo weNdebe yoMhlaba yabesifazane yakulo nyaka ibhekene ne-Sweden ngeSonto.

IBanyana ingase ibe sezingeni eliphansi uma kubhekwa ukuthi iseqoqweni elilodwa ne-Sweden, i-Argentina kanye ne-Italy kodwa lokho ngeke kuyivimbe.

IBanyana nayo ingompetha base-Afrika futhi izofuna ukukhombisa ukuthi inakho okudingekayo ukuze imataniswe namaqembu ahamba phambili emhlabeni.

Njenganoma iyiphi iNdebe yoMhlaba, kubalulekile ukuqala kahle. Wina umdlalo wokuqala ngaleyo ndlela konke kuzobonakala kuqondile kodwa uma uhlulwe emdlalweni wokuqala konke okulandelayo kuzobonakala sengathi kuyinto engeke iphumelele.

IBanyana Banyana inerekhodi elibi kakhulu kwiNdebe yoMhlaba kodwa asikho isikhathi esifana nesamanje sokukhombisa ukuthi isihambe ibanga elingakanani njengeqembu.

URefiloe Jane uzobukeka engumdlali ovelele ekuholeni iqembu lakhe kodwa umqeqeshi uDesiree Ellis uzokwazi ukuthi iqembu kumele lisebenze ngokubambisana ukuze liphumelele esigabeni somhlaba.

Abalandeli bakuleli kuzomele bavuke ngehora lesikhombisa ekuseni ngeSonto ukuze babukele iBanyana ibhekene ne-Sweden.

Lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 205.

➤ Ngemuva kokuthatha ikhefu lesonto lonke, i-Formula 1 izobuya ngowe-Hungarian Grand Prix futhi amehlo azobe ethe njo kumshayeli oyedwa.

Futhi cha, lowo umshayeli akuyena uMax Verstappen, nguDaniel Ricciardo okhuza ibuya kulo mdlalo ngemuva kwezinyanga ezimbalwa engekho.

Lo mdlali wase-Australia wahlula uMcLaren ekupheleni kwesizini yanyakenye kodwa ngesonto eledlule uthathe isihlalo sikaNyck De Vries ku-Alpha Tauri.

I-Red Bull isalokhu iyintandokazi ukuphinde iwine kodwa abathandi bomdlalo bazobheka uWilliams noMcLaren abenze izinguquko ezinkulu muva nje.

Kuhlelelwe ukuthi umjaho wezimoto i-Hungarian Grand Prix uqale ngehora lesithathu ntambama ngeSonto. Lo mjaho uzokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 215.

➤ Umdlalo wesithathu we-Ashes uzoqhubeka ngempelasonto ngemuva kokuqala ngoLwesithathu njengoba iNgilandi ibheke ukuqhubeka nefomu yayo enhle.

I-Australia izihola phambili ngo 2-1 kodwa iNgilandi ikhombisa ukulwa okumangalisayo emzamweni wokuqeda lo mqhudelwano iphethe isicoco.

Lo mdlalo uzoqala ngo-12pm nsuku zonke kuze kube kumenyezelwa owinile.

Imidlalo ye-Ashes izokhonjiswa bukhoma esiteshini se-DStv 212.

Esithombeni esingenhla: IBanyana Banyana

Izihloko zakamuva