Lubhalwe nguKhaya Ndaba
I-Ekasi Fashion Week ishaqise abathandi bengqephu bakuleli ngendawo ekhethiwe yomcimbi walo nyaka: okuyirenki yamatekisi yase-Springs.
Ungqondongqondo ongemuva kwalesi sinyathelo umsiki wengqephu uStephen Monoki obelokhu eshintsha imboni ngemibono yakhe yezinguquko kulo mbukiso waminyaka yonke.
UMonoki (29) waKwaThema, Ekurhuleni waziwa ngemiklamo ehlaba umxhwele nekhono elimangalisayo lokwakha imibukiso yemfashini engasoze yalibaleka.
I-Ekasi Fashion Week eyasungulwa ngo-2017 iyinkundla yabasiki bengqephu abasafufusa ukuze babonise umsebenzi wabo nokuthi abasiki benqephu asebemkantshubomvu baxhumane nezithameli eziningi.
Kulo nyaka uMonoki uyisa lo mcimbi emigwaqeni. Uhlelo lwesi-19 lomcimbi luzoba erenki yamatekisi i-Reedville e-Springs mhla zizinye kuMbasa.
“Sijabule kakhulu ngokuletha i-Ekasi Fashion Week erenki yamatekisi i-Reedville,” kusho uMonoki.
“Sizokhombisa ubuciko obumangalisayo nokwehlukahlukana kwemfashini yakuleli siphinde sinikeze abasiki bengqephu abavela kuzo zonke izizinda inkundla ukuze baxhumane nababukeli abasha.”
I-Ekasi Fashion Week ithembisa ukuba umgubho wangempela wazo zonke izinhlobo, osayizi, ubudala, nezizinda. Ngonobuhle abavela kuyo yonke imikhakha umcimbi ulwela ukukhuthaza ukunakwa kwembonini yemfashini.
Kulo mcimbi kuzophinde kube nomculo obukhoma, ukufakwa kwemidwebo yobuciko, izindawo zokudlela neziphuzo kanye neminye imicimbi ebungaza isiko nobuciko bakuleli.
UMonoki akamusha kulo mdlalo njengoba eseke waqondisa izinhlelo ezifana ne-African Fashion Alive (AFA) kanye ne-Africa Fashion Art & Cultural Exhibition (AFACE) phambilini.
Esithombeni esingenhla: I-Ekasi Fashion Week
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe