Dylan Bettencourt
Noma ikuphi ukuhlangana kwe-England ne-Germany kunomlando odlula inkundla yebhola.
Ukungqubuzana kwalezi zimbangi kuzokwenza abalandeli base-England abangu-880 benikele ngamapasi abo abagunyaza ukuya kwelinye izwe esiteshini samaphoyisa ngaphambi kokuthi la maqembu ahlangane emdlalweni we-Uefa Nations League mhla ziyisikhombisa kuNhlangulana.
Ngemuva kokubhekana nezinkinga zokuphepha ngesikhathi i-England idlala ne-Germany e-Dortmund eminyakeni eyisithupha edlule ukushaqwa kwamapasi kuza njengengxenye yomsebenzi obanzi wezokuphepha.
Abalandeli be-England bakhombise ukuthi bayaphazamisa futhi bajwayele ukucekela phansi kanti ukuziphatha okunjalo akuvumelekile uma i-Germany isohlelweni.
Njengamanje kunemiyalo engu-1,122 yokuvinjelwa kwabalandeli bamaNgisi okuhlanganisa nabangu-880 okuzodingeka banikeze amapasi abo ukuze baqinisekise ukuthi abayi e-Munich kulo mdlalo.
I-England ikhiphe amathikithi angu-3 466 kuphela omdlalo owawuse-Allianz Arena kodwa ukuthakasela lo mdlalo kufinyelele kubalandeli abaningi.
Lo mdlalo kuhlelwe ukuthi udlalwe ngoLwesibili ukuze kwehliswe isibalo sabalandeli abazoya e-Germany bengenawo amathikithi.
Abalandeli be-England bahlale bewubheke ngabomvu umdlalo ne-Germany ngodlame nangentshisekelo, lokho kufakazelwa imithetho yokuvinjwa engu-3 000 eyayikhona kwiNdebe yoMhlaba yonyaka ka-2006 eyayise-Germany.
Usuku olwandulela umdlalo mhla ziyisithupha kuNhlangulana lukhunjulwa njengosuku lwango-1944 lapho amasosha ama-Allied afika e-Normandy empini ebhekene ne-Germany. Abalandeli baphinde bafanise umdlalo nosuku lwango-1944 ngakho iziphathimandla zesaba ukuthi uzoshuba kakhulu.
Amaphoyisa ase-England athumele izibukeli eziyisithupha ezizinikele kanye nabaphathi abanolwazi abangu-12 abavela e-Wembley futhi i-FA izosebenza njengenjwayelo namaphoyisa endawo.
Emzamweni oqhubekayo wokugcina ukuthula kuyo yonke le ngqungquthela abukho utshwala obuzothengiswa e-Allianz Arena.
Kodwa, njengoba abalandeli base-England beshesha ukusebenzisa isisho esithi lapho kukhona intando nendlela ikhona. Njengakudala abalandeli bazohlangana e-Marienplatz enezindawo eziningi zokucisha ukoma kanye nezokudlela.
Umdlalo we-England ne-Germany we-Uefa Nations League uzodlala ngoLwesibili lapho i-France izobheka khona ukuvikela isicoco sayo.
Umthombo wesithombe: @EveningStandard