Ubhekwe ngabomvu owamanqamu  wendebe yomhlaba

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

Ngemuva kwezinsuku ezingu-28 nemidlalo engu-64 usuze wafika umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba ye-Fifa kanti sekusele amaqembu amabili kuphela i-Argentina ne-France.

Obani abazoba ngompetha bomhlaba?

Asikho isiteji esikhulu noma umdlalo omkhulu kanti futhi awukho umzuzu okhumbuleka ukwedlula owamanqamu wendebe yomhlaba.

NgeSonto umpetha uzothweswa umqhele ngemuva komdlalo wase-Qatar.

I-Argentina ibe iqembu lokuqala ukuzibekisela indawo kowamanqamu ngemuva kokuhlula i-Croatia kowandulela owamanqamu ngoLwesibili ebusuku.

I-France ibe isinqoba i-Morocco yazifaka kowamanqamu kulandelana ngemuva kokunqoba le Ndebe eminyakeni emine edlule.

Ompetha banqobe ngamagoli amabili eqandeni bedlala ne-Morocco ngoLwesithathu ebusuku.

Uma i-France inqoba ngeSonto ebusuku izoba izwe lokuqala ukunqoba selokhu i-Brazil ngo-1962 yanqoba imidlalo yeNdebe yomhlaba kulandelana.

I-Argentina ibheke ukunqoba le ndebe okokuqala kusukela ngo-1986. Iqembu laseNingizimu neMelika selifinyelele kowamanqamu kabili kusukela ngaleso sikhathi, kodwa alikaze liyiqubule indebe.

ULionel Messi nozakwabo bazobe benethemba lokuthi ihlandla lesithathu lizokhombisa impumelelo uma sebebhekene ne-France enkundleni i-Lusail.

Kulindeleke abalandeli abangu-90 000 ngaphakathi enkundleni ukuzozibonela kuqopheka umlando, kodwa abantu abaningi emhlabeni wonke bazobe bewubheke ngabomvu lo mdlalo.

Cishe abantu abangu-3.5 billion bazobe belangazelele ukuzobona uMessi noma uKylian Mbappe bephakamisa iNdebe ngeSonto

Nokho ngaphambi kwalokho kuzoba nomunye umdlalo I-Croatia izobhekana ne-Morocco kulowo mklomelo wendawo yesithathu.

Umdlalo womkhumulajezi uvame ukunganakwa ngenxa yokuntula ukubaluleka kwawo, kodwa i-Morocco izobe ikujabulele ukuthola indondo yethusi.

I-Atlas Lions ibe izwe lokuqala lase-Afrika ukufinyelela emaqenjini amane eNdebe yoMhlaba. Ukuwina indondo yethusi kuzongeza empumelelweni yabo.

Ngakolunye uhlangothi i-Croatia kungenzeka ingabi nawo umdlandla, njengoba ihlulwe kowamanqamu eminyakeni emine edlule futhi manje yakhishwa kowandulela owamanqamu.

Umklomelo womdlali ovelele usemgqeni njengoba bobabili uMessi noMbappe beshaye amagoli amahlanu umuntu emunye.

Umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba uzoqala ngehora lesihlanu ntambama ngeSonto njengoba kuzophakanyiswa iNdebe ekugcineni. Le midlalo ingabukwa bukhoma ku-DStv channel 202.

Isithombe esingenhla i-Argentina ne-France

Izihloko zakamuva