Lungani Zungu
Uhulumeni uzophoqeleka ukuthi athumele amasosha uma ukubulawa kwabantu nodlame kwezepolitiki kuqhubeka nokwanda eKZN nakwezinye izifundazwe.
Lokhu kube yisixwayiso sikaNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ngesikhathi ehambele imindeni yabesifazane abathathu ababulewe eNanda ngoMgqibelo ngesikhathi kunomhlangano wokuphakanyiswa kwamakhansela e-ANC.
UPhilisiwe Jili oneminyaka engama-37, uNcami Shange oneminyaka engama-34 kanye noBeatrice Dlamini oneminyaka engama-75, babulawe ngesikhathi kudutshulwana ngaphandle kwesikole samabanga aphansi iBuhlebethu eNanda enyakatho yeTheku.
UCele uthe leli cala lokubulawa kwabantu abathathu liphenywa yithimba elibhekene nezepolitiki esifundazweni eliholwa nguJenene uDumisani Khumalo.
Uthe ithimba eliphenyayo lilandela imikhondo ethile emihle, kodwa uNgqongqoshe ngeke aphawule ngokuqhubekayo.
UCele uthe amaphoyisa aqaphile ngaphambi kokubhaliswa kwabavoti kule mpelasonto, kodwa waxwayisa ngokuthi uma ehluleka ukuvimba udlame kuzofakwa amasosha.
“Amasosha awabizwanga ukuthi azohlala khona. Uma siwadinga, sizowacela,” kusho uCele.
IPhini likaNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso uZizi Kodwa uchaze ukubulawa kwalaba besifazane abathathu njengesenzo sokusabisa.
Ubeke phansi uvalo lokuqhubeka nokubulawa kwabantu nodlame, wathi ukhetho luzophepha.
“Labo abasabisa abantu baseNingizimu Afrika abasebenzisa ilungelo labo lokuvota bazobhekana nolaka oluphelele lomthetho,” kusho uKodwa.
Indlela eya okhethweni lohulumeni basekhaya ihlale iba nokuchitheka kwegazi futhi iyingozi, ikakhulukazi eKZN, lapho kwabulawa khona abantu abangaphezu kwabangama-33 ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya ngowezi-2016.
Imininingwane yemingcwabo yalaba besifazane abathathu ababulawe ayikamenyezelwa.