UBheki Cele ukhala ngezindawo eziyizizinda zobugebengu kuleli  

Lubhalwe nguLungani Zungu

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele ukhiphe imbangela yokwenyuka kwezinga lobugebengu kuleli ngoLwesihlanu: wabala ukuntuleka kwemisebenzi, ububha, kanye nabaphuma emazweni angaphandle abalapha ngokungemthetho.

Ubethula izibalo zobugebengu zekota yesithathu yalo nyaka wezimali.

Uveze ukuthi bangu-7,555 abantu ababulawa kuleli phakathi kukaMfumfu ngoZibandlela nyakenye. Bangu-80 abantu ababulawa nsuku zonke kuleli.

Kusetshenziswa izikhali ezahlukene ekubulaweni kwabantu: abangu-3 144 kwabashonile babulawa ngezibhamu, abanye babulawa ngezinye izikhali “njengemimmese, izinsimbi ezicijile neziqinile, izitini kanti ezigamekweni eziningi babulawa ngezandla,” kusho uCele.

Uphinde wadalula nezindawo eziyizizinda eziphathisa amaphoyisa ngekhanda: amalokishi agcwele ubugebengu, okubalwa kuwo i-Alexandra, eNanda, e-Seshego, e-Mitchells Plain, e-Diepsloot kanye naseMlazi.

Lezi zindawo ziyaqhubeka nokuphathisa amaphoyisa akuleli ngekhanda.

UCele uthe lezi zindawo “zinemikhuba yobugebengu obunenkani.”

Uthe: “Amazinga aphezulu okuntuleka kwemisebenzi kanye nezinga lobubha, ukwanda kwemijondolo engenazo izinsiza kanye nezinye izinkinga zenhlalo-mnotho kudala ubugebengu obuhambisana nenani eliphezulu labantu abaphuma emazweni angaphandle abangenazo izincwadi okunzima ukubalandela ngemuva kokwenza ubugebengu.”

UCele uthe kuzokwengezwa amaphoyisa amasha angu-10 000 emzamweni wokulwa nobugebengu.

Kusukela ngoMfumfu kuya kuZibandlela nyakenye bangu-4,992 abasolwa ababoshelwa amacala ahlobene nobulili.

Bangu-71 abasolwa abagwetshwa udilikajele weminyaka engu-89.

UCele uthe kuyethusa ukuthi zingu-5 935 izigameko zokudlwengula ezenzeka lapho okuhlala khona umenzi wobubi noma umufi.

“Siyakwamukela ukugwetshwa kombulali kaTazne van Wyk (8) ogwetshwe odilikajele abayisishiyagalolunye kuleli sonto kanye neminyaka engu-259 nohhafu ebhadle ejele ngecala lokubulala nokudlwengula le ntombazanyana ngesihluku,” esho.

Khonamanjalo uKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi uthe amaphoyisa athungatha abasolwa ababanjwe kwi-CCTV bedubula babulala uKiernan “AKA” Forbes eThekwini ngeledlule.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele 

Umthombo wesithombe: @SAPS

Izihloko zakamuva