Ubhekene nomlilo ovuthayo uMengameli we-IFP njengoba kukhona amalungu afuna ehle esikhundleni ngevoti lokungamethembi

Celani Sikhakhane

Ubhekene nenkinga uMengameli we-IFP, uMnumzane uVelenkosini Hlabisa, ngaphakathi eqenjini njengoba abanye abaholi belungiselela ivoti lokungabethembi ubuholi bakhe.

Laba baholi bamsola ngokuhluleka ukumela isinqumo asimemezele ngemuva kokhetho sokuthi ngeke basebenzisane ne-ANC. Ngemuva kwalokho wasishintsha leso sinqumo esikhathini esingangesonto.

UHlabisa usolwa ngokuphendula iqembu inhlekisa ngemuva kwesimemezelo esingalindelekile sokuthi i-IFP isivumile ukusebenzisana ne-ANC KwaZulu-Natali. 

Yize abamesekayo bethi ngeke kwenzeke lokho, abalwa naye bebetshela amaqembu aphikisayo ukuthi baphoxekile ngesimemezelo sikaHlabisa futhi bafuna ukumkhipha ngevoti lokungamethembi.

Umholi weqembu eliphikisayo uthe abanye abaholi be-IFP bafike kubo becela ukusekelwa.

“Bebefuna ukunqoba umasipala waseMhlathuze nowase-Newcastle ngakho-ke bathembisa ukuthi ngeke basithobele isimemezelo sikaHlabisa sokusebenzisana ne-ANC,”

Ilungu lesigungu esiphezulu se-IFP lithe sekunesikhathi eside uHlabisa ehlukunyezwa futhi ehlazwa esigungwini esiphezulu senhlangano.

“Bafuna ukumkhipha, kodwa ngeke baphumelele,” kusho umthombo.

“Sonke siyazi ukuthi isivumelwano se-ANC saphuma kumntwana uPhindangene uMnumzane uMangosuthu Buthelezi. UHlabisa ubengahlangene nalutho, kodwa waphoqeleka ukuthi enze isimemezelo. Baphinde bacekela phansi bonke abazwelana naye. Ababonwa ezikhundleni zobumeya,” kusho umthombo.

Olunye udaba bekunamalungu e-IFP ephalamende abehlela ukuhlomula mathupha kumfelandawonye we-ANC ne-IFP.

Abagaqele isikhundla sobuMengameli be-IFP kubalwa iMeya yaseNkandla uMnumzane uThami Ntuli nePhini likaMengameli we-IFP uMnumzane uMzamo Buthelezi.

UMntwana kaPhindangene uMangosuthu Buthelezi uphikile ukuthi uhlangene nesivumelwano sokusebenzisana kwe-ANC ne-IFP.

Ngesikhathi ethintwa ukuba aphawule, okhulumela i-IFP, uMnumzane uMkhuleko Hlengwa, ubengazibambi izingcingo zethu futhi akazange ayiphendule nemiyalezo athunyelwe yona.

Izihloko zakamuva