Everson Luhanga
Umndeni kaLebo Monene, obengumhlengikazi esibhedlela sase-Tembisa odutshulwe wabulawa ngumyeni wakhe oyiphoyisa ngoLwesithathu, uthi ubudlelwane balezi zithandani bebungahambi kahle.
Umfowabo kaLebo, uDaniel Thubekgale utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubudlelwano babo buye baba muncu kangangoba uLebo kwadingeka aphume emzini wabo ayohlala emzini wakubo ose-Ebony Park ngase-Tembisa e-Ekurhuleni.
“Kunomlando wokuhlukumezeka ebudlelwaneni bakhe okwamenza wabuyela ekhaya lomndeni,” kusho uDaniel.
ULebo udutshulwe washona emagcekeni asesibhedlela e-Tembisa ngoLwesithathu ekuseni edutshulwa umnyeni wakhe naye waphendula isibhamu wasibhekisa ngakuye. Uzidubule ekhanda wabe esephuthunyiswa esibhedlela e-Milpark Mediclinic lapho ethola khona usizo.
UDaniel uthe umndeni ukhungathekile ngokushona kukadadewabo.
“Ubengowesifazane osemusha futhi onomdlandla. Ubehlala emamatheka futhi egqoke umfaniswano wakhe ngokukhulu ukuzigqaja.”
Uthe umndeni ubumazi lo mlisa njengesoka.
“Ubudlelwane babo babungebuhle kahle futhi noma nini lapho bexabana, owesilisa wayemsongela ngokuthi, ‘siphi isibhamu sami? Ngifuna ukukudubula’.”
UDaniel uthe ngemuva kokuthi uLebo nesoka lakhe, elingu-constable esifundeni sase-Ekurhuleni North bengazwani nodadewabo, umndeni wake wazama ukuxazulula ukungaboni ngaso linye nomndeni wephoyisa.
“Sike saba nemihlangano nomndeni kamkhwenyana ukuze sixazulule ukungezwani kwabo kodwa sabona sengathi izinkinga bezijulile kakhulu.
UDaniel uthe uLebo ubehlezi ejabule ethanda izingane zakhe nomndeni wakhe.
Wathi: “Ubehlala emamatheka ngisho kunezinkinga emshadweni wakhe.
Omunye uzakwabo ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe umnyeni kaLebo ubenolaka futhi emhlukumeza njalo.
Kamuva ngoLwesithathu, uNgqongqoshe Wezempilo e-Gauteng uDkt. Nomathemba Mokgethi uvakashele umndeni ezohlonipha umhlengikazi obulewe.
Ekhuluma nabezindaba, uNgqongqoshe uthe uhulumeni uzobeka ezokuphepha ukuze aqinisekise ukuthi iziguli nabasebenzi baphephile emagcekeni esibhedlela.
USihlalo we-Democratic Nursing Organisation of South Africa (DENOSA) e-Gauteng, uSimphiwe Gada, uthe bakulungele ukusebenzisana nohulumeni ukuqinisekisa ukuthi abahlengikazi bavikelekile.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uBrigadier Brenda Muridili uthe amaphoyisa aphenya amacala okubulala nelokuzama ukubulala.