Ubhekene nezinkinga umfelandawonye we-ANC eGqeberha

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Umfelandawonye we-ANC eNelson Mandela Bay ubhekene nezinkinga.

Umfelandawonye ohlanganiswe i-ANC, i-EFF kanye ne-Northern Alliance ukhiphe imeya ye-DA uRetief Odendaal ngesonto eledlule.

I-EFF igaqele izikhundla ezinamandla njengesikhundla sokuba ilingu lekomiti lemeya elibhekelela ezezimali kanye neselungu lekomiti lemeya elibhekelela ingqalasizinda okuyizikhundla ezivame ukuthola ingxenye enkulu yesabelomali futhi lezi zikhundla zibhekelela izinhlelo ezahlukene zokukhishwa kwengqalasizinda.

Khonamanjalo, imeya entsha uGary van Niekerk we-Northern Alliance wehlulekile ukuvela esithangamini sabezindaba lapho obekumele amemezele khona ikomiti lakhe elisha.

UVan Niekerk ubethembise ukuhlanganisa ikomiti lakhe ngokushesha ukuze aqale ukusebenza phezu kwesethembiso sokulwa nobugebengu emalokishini kanye nokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingo ezindaweni ezisenyakatho ye-Port Elizabeth.

I-ANC isitholile isikhundla sikaSomlomo womkhandlu ngokukhethwa kuka-Eugene Johnson owayeyimeya ye-ANC owaxoshwa u-Odendaal ezinyangeni eziyishumi ezedlule.

Ekwakhiweni kwekomiti lemeya amadlelandawonye alwela isikhundla sokuba iphini lemeya esifunwa i-ANC.

Ukungaboni ngaso linye mayelana nokwabiwa kwezikhundla ngemuva kokuwina ukhetho kwenze umfelandawonye we-ANC ne-EFF eGoli kanye nase-Ekurhuleni wehluleke ukuvumelana ngokuthi ngobani okumele kube izimeya zala madolobha.

Lo mbango usuholele ekutheni kuqokwe izimeya ezizophatha umkhandlu kanti i-ANC yiyona elawulayo ngasese.

UVan Niekerk uthe i-Gqeberha idinga isu lokucishwa kukagesi ukuze kongwe amabhizinisi nemisebenzi.

“Kumele sisebenze kanzima ukuze kuqhamuke ezinye izindlela zokudambisa ukucishwa kukagesi. Le nkampani ephehla ugesi idonsa kanzima ukufeza izinhloso zokukhiqiza futhi sizobhekana nobusika obumnyama uma izitatimende zakamuva zakwa-Eskom zingase zenzeke.

“Izindlela zokunciphisa ukucishwa kukagesi zizoba phezulu kwi-ajenda,” esho enkulumweni yakhe yokwamukela.

Umasipala waseNelson Mandela Bay ungaphansi kwengcindezi yokuthi uqalise ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi namathuba amathenda ngendlela efanele emiphakathini yabamnyama, abamhlophe kanye namaKhaladi abakha isibalo sabantu emadolobheni ahlukahlukene.

Esithombeni esingenhla: IMeya entsha kamasipala waseNelson Mandela Bay uGary van Niekerk we-Northern Alliance

Umthombo wesithombe: Twitter/@NMandelaBaymuni

Izihloko zakamuva