
Lubhalwe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo
Umgadli wakuleli uLyle Foster ubhekene nenselelo enkulu njengoba i-Burnley izobhekana ne-Manchester City kuma-quarter-final eNdebe ye-FA.
➤ UFoster wenze into encomekayo selokhu athathwa iqembu lase-England, i-Burnley ngewindi lokushintshana ngabadlali ngoMasingana.
Yize esashaye igoli elilodwa kuphela, lo mdlali oneminyaka engu-22 uhlabe umxhwele umphathi wakhe kanye nokaputeni wangaphambilini we-Manchester City uVincent Kompany.
Leli yisonto elikhulu kubona bobabili, njengoba uFoster edlala ekhaya labanqobi be-Premier League kanti uKompany uzobuyela ekhaya lakhe langaphambilini enkundleni yase-Etihad Stadium okokuqala njengomphathi.
Ukuwina kuzophawula ukunqoba okukhulu kakhulu komsebenzi kaFoster, njengoba iqembu lakhe lizodlulela esigabeni sokugcina somqhudelwano ohlonishwayo. Kodwa kuzoba umsebenzi onzima; I-Burnley ihlulwe kuyo yonke imidlalo eyishumi edlule ibhekene ne-Manchester City.
Kodwa-ke, kubukeka sengathi uFoster uzoletha omkhulu umehluko emdlalweni wangomgqibelo ngo-7.45pm ebusuku. Lo mdlalo uzodlala bukhoma ku-DStv channel 203.
Umdlalo weNdebe ye-FA uzobe usudlulela ngeSonto, njengoba i-Sheffield United izobhekana ne-Blackburn Rovers ngehora lesibili ngaphambi kokuthi i-Brighton ibhekane ne-Grimsby Town ngo-4.15pm.
Lungakapheli usuku kuzobonakala i-Manchester United ibhekana ne-Fulham ngo-6.30 ntambama ngeSonto. Lo mdlalo uzodlala bukhoma ku-DStv channel 203.
➤ Kubukeka kuzoshuba kakhulu njengoba imidlalo ye-Six Nations izongena ngempelasonto yayo yokugcina, kanti futhi kubonakala kuzoba ukubheja okuphephile kakhulu ukuthi i-Ireland izothatha iNdebe kanye ne-Grand Slam.
Indlela abadlale ngayo ngesonto eledlule bedlala neqembu lase-Scotland ebelizimisele kakhulu, bekumangalisa ngempela. Ekugcineni, i-Ireland iwine ngephuzu abalithole kwibhonasi kanti i-Scotland ithole iphuzu elilodwa kuphela. Njengoba kuyiwa eNdebeni yoMhlaba, i-Ireland ibonakala imangalisa.
Okubuhlungu ukuthi i-England angeke imangalise njengesonto eledlule njengoba ingeke iphinde ithole amaphuzu angu-50. Kubukeka bengeke bakwazi ukukwenza lokhu, kodwa mhlawumbe bangakwazi njengoba bezobhekana ne-Ireland ngehora lesikhombisa ngeSonto ebusuku.
Unompempe odumile futhi othanda izwe lakhe, uNigel Owens usekela ozakwabo i-Wales ukuthi bashaye i-France ngo-4.45pm ngoMgqibelo. Ukusho lokhu esidlangalaleni, “Njengenjwayelo kuhlezi kunombuzo ngendlela iqembu lase-France elidlala ngayo, kodwa kuzomele badlale kabi kakhulu ukuze i-Wales izokwazi ukubahlula.
Ngokombono i-Italy ingayishaya i-Scotland ngo-2.30pm ngoMgqibelo, kodwa empeleni Izinto angeke zihambe ngaleyondlela.
Yonke le midlalo ye-Six Nation izodlala bukhoma ku-DStv channel 201 no-211.
➤ Ama-Pumas azobhekana nama-Lions e-Nelspruit ngo-5.05pm ngoLwesihlanu emdlalweni weNdebe ye-Currie ongafanele uphuthelwe iwona. UJimmy Stonehouse kanye neqembu lakhe bazobe benomfutho ngemuva kokubhubhisa ama-Blue Bulls ngesonto eledlule ngama-try ayisishiyagalolunye kwamabili emdlalweni omangalisayo. Ama-Lion enze kangcono kakhulu muva nje futhi azobe ekulungele ukudlala!
Okubuhlungu ukuthi mancane amathuba okuthi ama-Bulls angawina uma sebebhekene ne-Western Province ngo-7.05pm ngoLwesihlanu ebusuku. Kukhona okungekuhle okwenzeka ePitoli.
I-Griquas iqale kabi umdlalo wabo kwiNdebe ye-Currie njengoba ihlulwe ibhekene neqembu elizimisele le-Cheetahs ngehora lesibili ntambama ngeSonto. I-Griquas kuzomele ikhuphule izinga layo lokudlala uma isibhekene nama-Sharks ngohora lesine ntambama ngeSonto uma ihlela ukuba ompetha beNdebe ye-Currie.
Ngokunjalo nama-Griffons, aqale kabi umdlalo wabo kwiNdebe ye-Currie ngokuhlulwa ama-Sharks futhi kuzomele bashintshe ukwenza uma sebebhekene nama-Cheetahs.
Imidlalo yeNdebe ye-Currie uzodlala bukhoma ku-DStv channel 201 no-211.
➤ I-Formula 1 isibuyile nomjaho wesibili wonyaka e-Middle East ne-Saudi Arabian Grand Prix.
Kulandela ukunqoba kukaMax Verstappen kanye ne-Red Bull emdlalweni wokuqala wase-Bahrain emasontweni amabili edlule, mancane kakhulu amathuba okuthi kuzoshintsha okuningi.
Kodwa-ke, eduze kwesekethe ye-Jeddah eqinile futhi enobuchwepheshe, amathuba maningi.
U-Aston Martin uzobheka ukuqhubeka nefomu yakhe emangazayo futhi aqinisekise enye indawo kwi-Podium ngehora lesikhombisa ngeSonto ebusuku.
Lo mjaho uzokhonjiswa ku-DStv channel 215.
Isithombe esingenhla: ULyle Foster
Umthombo wesithombe: I-Burnely