Dylan Bettencourt
Iqembu lase-Britain le-Taekwondo lisiza uFarzad Mansouri ekuziqeqesheni ngemuva kokuhlala izinyanga eziyisishiyagalombili ebalekele ekhempini yase-Abu Dhabi.
Sekuzophela unyaka uMansouri emele i-Afghanistan kuma-olympics ase-Tokyo lesi isikhathi ake aziqhenya ngaso.
Ngemuva kokuhoxa kwamasosha aseMelika kuleliya lizwe i-Taliban yagasela enkabeni yedolobha i-Kabul kanti uMansouri ubesaba ukuthi ukuba ngumsubathi kuzofaka umndeni wakhe engcupheni yokuhlaselwa iqembu lamaphekula.
Iqembu le-Taekwondo eNgilandi laziswa ngalesi simo ngemuva kokuba uMansouri namalungu omndeni wakhe amahlanu beyiswe e-United Arab Emirates.
“Indaba yakhe isithinte kakhulu besingasiza nganoma iyiphi indlela,” kusho uGary Hall umqondisi wokudlala eqenjini.
Naphezu kokuba umndeni wakwaMansouri unendodana nomfowabo uFarhad banqatshelwa ukuhlanganiswa nabahlala eNgilandi.
Umndeni uhlaliswe ekhempini egcwele abantu ababalekile, wonke amalungu omndeni wakwaMansouri ampintshana endaweni eyodwa e-Abu Dhabi.
NgoMbasa uMansouri uthole izindaba zokuthi uzovunyelwa ukungena e-United Kingdom nge-visa yemidlalo yamazwe ngamazwe.
Nokho lokhu kusho ukuthi umndeni wakhe kufanele awushiye.
“Abazali bami sebekhulile. Bonke basekamelweni elilodwa abakwazi ukuphuma isikhathi esiningi sosuku. Kufana nejele kulendawo abakuyo,” kusho lo msubathi.
Kusukela efika e-Manchester uMansouri ubelokhu eziqeqesha izinsuku ezinhlanu ngesonto ngokusizwa ochwepheshe, odokotela abaluleka ngokwengqondo kanye nokusekelwa komphakathi.
Ubheke ukuphinde ahlangane nomndeni wakhe kanye nama-olimpiki e-Paris ngonyaka la-2024, nakuba engenasiqiniseko sokuthi uzoqhudelana ngaphansi kwaliphi ifulegi.
Umthombo wesithombe:@TheTimes