Dylan Bettencourt
Ubhekene nengwadla umqeqeshi osanda kuqokwa kwi-Manchester United uRalf Ragnick njengoba abadlali abayi-11 befuna ukushiya leli qembu.
Umqeqeshi wase-Germany uhlulwe ngo-1-0 okokuqala neqembu lakhe ama-Red Devils emdlalweni wabo ne-Wolverhampton Wanderers ngoMsombuluko ebusuku okuthiwa kudale ukudumala okukhulu egumbini lokushintsha okwenze abadlali bazwakalisa ukungahambisani nohlelo olusha lomqeqeshi.
Ngokusho kwe-Mirror imibiko iphakamisa ukuthi abadlali abaningana basale “bekhexile” ngesitayela sokuqeqesha sikaRagnick, futhi abawajabulelanga neze amasu akhe.
Umqeqeshi uqokwe ngasekupheleni kwesizini ngemizamo yokuqinisa iqembu ngemuva kokuthi umqeqeshi wangaphambilini u-Ole Gunnar Solskjaer exoshwe ngenxa yenkinga efanayo yabadlali abangeneme.
Umdlali wase-Portugal uCristiano Ronaldo kuthiwa nguyena imbangela enkulu yokukhathazeka kwabadlali njengoba okaputeni beqembu uHarry Maguire, u-Edinson Cavani noMason Greenwood bengajabule ngokuthi lo mgadli uhlezi eqokwa.
Ngokusho kwe-Express bakholelwa ekutheni abaphathi banengcindezi yokumdlalisa yize engadlali kahle.
Amanye amalungu eqembu kuthiwa asazobona ukuthi ayashiya abheka ngakuphi ngemuva kokunganikwa ithuba lokuzibonakalisa ngaphansi kobuholi bukaRagnick. Abadlali abafana noJesse Lingard, uDonny van de Beek, u-Eric Bailly noDean Henderson bonke kuthiwa bahlela ukushiya kuma-Red Devils.
Ngokusho kwe-Daily Mail, abadlali bazwakalise ukuthi lesi yisimo esibi kakhulu abake babhekana naso eqenjini njengoba isimo sokuziphatha enkundleni yokuzilolonga sichazwa “njengesicindezelayo”.
Umdlali wasemuva uLuke Shaw uveze le mizwa esithangamini sakhe nabezindaba ngemuva komdlalo ngoMsombuluko lapho lo mdlali waseNgilandi adalule khona ukuthi izinkinga zingahle zande ku-United emasontweni ezayo.
“Impela akukuhle neze. Kubukeka kuzoba nezinkinga ezinkulu kwi-United,” kusho lo mdlali wasemuva.
Umdlalo olandelayo kaRagnick kanye neqembu lakhe belwela i-FA Cup ne-Aston Villa uzoba ngoMsombuluko omhlaka-10 kuMasingana ulandelwe umdlalo we-Premier League neqembu elifanayo ngoMgqibelo womhla zili-15 kuMasingana.
Umthombo wesithombe: @Forbes