Ubhekene nengwadla uMengameli  

Lubhalwe nguZukile Majova

Sekuphelile ukucanasa kwamaqembu aphikisayo abehlala edilika ezehlela kuMengameli Cyril Ramaphosa.

Bamthukile yena kanye nabasebenzi bakhe kuleli sonto ngesikhathi begxeka enkulumweni yakhe ethathe izinsuku ezimbili yeSimo Sezwe (i-Sona) yakulo nyaka ePhalamende.

Umholi we-DA, uJohn Steenhuisen uthe uRamaphosa wehluleke kakhulu kunoMnu Jacob Zuma.

UZuma waphatha iminyaka eyishumi ngemuva kobandlululo kuleli lapho imali yabakhokhi bentela engaphezu kuka-R1 trillion yaphangwa khona osomabhizinisi kanye nabangani balowo owayenguMengameli.

Imininingwane yalokhu kuqolwa kwezinkampani zikahulumeni ezifana no-Eskom, i-Transnet kanye ne-SAA ikakhulukazi ngumndeni wakwaGupta iqukethwe embikweni wokugcina weKhomishini leJaji uRaymond Zondo ebhekelela ukulawulwa kombuso.

I-DA yake yeseka izinhlelo zikaRamaphosa zokuvuselela amandla ombuso, ukulwa nenkohlakalo kanye nokwethula isisekelo sokukhula komnotho.

Kodwa uSteenhuisen uye wazithintitha ePhalamende ngoLwesibili.

“Ukuntuleka kwemisebenzi kunyukile kusuka ku-36% kwaya ku-43% selokhu uMnu Ramaphosa aba uMengameli ngo-2018,” kusho uSteenhuisen.

“Ukubulawa kwabantu kunyuke ngo-20% ngesikhathi esifanayo, kanti kubulawa abantu abangu-70 nsuku zonke kuleli. Njengoba sazi sonke ukucishwa kukagesi sekuphenduke insakavukela ngesikhathi sikaRamaphosa.”

Umholi we-EFF, uMnu Julius Malema owayenguMengameli we-ANCYL owaxoshwa uRamaphosa ngenxa yokungaziphathi kahle kwi-ANC ubevutha engabaselwe ngemuva kokuxoshwa kweqembu lakhe ePhalamende ngeledlule.

“Singasho ngesibindi ukuthi uMnu Ramaphosa wehlulekile ukugcina nokuvikela uMthethosisekelo,” kusho umsunguli we-EFF.

“INkantolo yoMthethosisekelo inqume ukuthi abezokuphepha baqhelelane namalungu ePhalamende. Amaphoyisa akumele nanini aphinde avunyelwe ukungena ePhalamende ngoba yilapho iSigungu esiphezulu esibophezeleka khona.”

UNgqongqoshe wezokuMbiwa Phansi naMandla uGwede Mantashe usivikele isinqumo sikaRamaphosa sokumemezela Isimo seNhlekelele sikaZwelonke ukuze kubhekanwe nenkinga kagesi.

“Asinazo izinyanga ezingu-24 zokuxazulula ukucishwa kukagesi. UMengameli uyithathela phezulu leyo nkinga,” kusho uMantashe.

Kulindeleke ukuthi uRamaphosa aphendule ezinkingeni ephakanyiswe amalungu ePhalamende ngokuhamba kwesikhathi ngoLwesithathu ngosuku lwesibili lwenkulumompikiswano emayelana ne-Sona e-City Hall eKapa.

Esithombeni esingenhla: UJulius Malema 

Umthombo wesithombe: @ParlimentofRSA

Izihloko zakamuva