Ubhekene necala lokubulala usaziwayo kamabonakude

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Isihlabani sikamabonakude esineminyaka engu-50 ubudala okusolwa ukuthi sidubule sabulala isithandwa saso endlini yaso e-Kempton Park ngesonto eledlule kulindeleke ukuthi sivele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yase-Kempton Park namhlanje.

Usaziwayo igama lakhe elaziwa i-Scrolla.Africa  ugadwe ngamaphoyisa amahora angu-24 esibhedlela saseTembisa edolobheni lase-Ekurhuleni.

Welashelwa ukuphuza ngokweqile amaphilisi okulala esigamekweni okuthiwa ubezama ukuzibulala. Ngemuva kwezinsuku ezine esesibhedlela, lo mlingisi ugcine ephumile ngoLwesibili.

Le ngqalabutho ineminyaka eminingi isebenza kwimidlalo yeshashalazi nakumabonakude ngaphansi futhi isike yadlala kwimidlalo eminingi efana ne-The Good the Old and the Greedy, i-Legacy, ne-Getroud Met Rugby.

Okhulumela amaphoyisa ase-Norkem Park uWarrant Officer Barbara-Anne Ferreira uthe umsolwa uzobhekana necala lokubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

UFerreira uthe imbangela yalokhu kubulala ayikaziwa okwamanje futhi iyingxenye yophenyo lwamaphoyisa. Nokho ukuqinisekisile ukuthi umsolwa udle amaphilisi okulala ngokweqile.

Ngesikhathi kuvela lolu daba ngoLwesihlanu, bekubikwe ngokungeyikho ukuthi oshonile ubengowesifazane.

Nokho, i-Scrolla.Africa ingakubeka kwirekhodi ukuthi oshonile owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala futhi ubethandana nomsolwa.

Izihloko zakamuva