Ubhaxabulwe umphakathi owesilisa oshaye indodana yakhe ngentambo kagesi

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Umfanyana (8) oshawe nguyise kabuhlungu ngentambo kagesi uyalulama esibhedlela.

Ubaba oneminyaka engu-35 naye usesibhedlela ugadwe amaphoyisa. Uboshelwe ukushaya indodana yakhe ngesihluku.

Umphakathi obuthukuthele ugane unwabu ngenxa yokuthi awuyithandanga indlela abeqondisa ngayo ingane, ube usuhlangana wamshaya kuze kwalamula ukufika kwamaphoyisa amthatha amyisa esibhedlela.

Umfana kanye noyise bayelashwa esibhedlela sase Tembisa.

Esitatimendeni asinike amaphoyisa ubaba womfana uthe, ubeyishiye nobhuti wayo omdala ingane.

Ubelindele ukuthi omdala anakekele omncane kodwa ngesikhathi abuye ngaso ufice lo omdala edlala nezinye izingane.

Uvele wathukuthela wadonsa intambo kagesi wamnenebula ngayo. Imivimbo ibinzima ngalendlela yokuthi ishiye umaka emzimbeni.

Amanye amalungu omphakathi avele athi ake simenze lento ayenze enganeni.

Bamushaye ngezimvubu kanye nezintambo zikagesi waze waba namanxeba emhlane.

Kuvele ukuthi lezi zingane bezinomuntu ozigadayo obezishiye nobaba wazo.

Okhulumela amaphoyisa ase Tembisa uConstable Bridget Mavuso ukuqinisekisile ukuthi umfana kanye nobaba wakhe basesibhedlela.

Uthe bona bathole umbiko wokuthi kunomuntu oshawa ngumphakathi eKgatlamping. “ Amaphoyisa afice owesilisa (35) elele phansi eshaywe kabuhlungu eduze kwesango.”

UMavuso uthe ubaba womfana ubhekene necala lokungayinaki ingane kanye necala lokushaya ngenhloso yokulimaza. I-FCS unit isenza uphenyo ngalelicala.

Esithombeni esingenhla: ubaba ushaye indodana yakhe (8) ngentambo kagesi, kwasala izibazi emzimbeni

Umthombo wesithombe: sithunyelwe

Izihloko zakamuva