UBhanga unqunywe ishoba ngokusola uZille ngokucwasa

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

I-DA isimise owayengumholi wekhokhasi yayo e-Eastern Cape uNqaba Bhanga ngemuva kokuthi abize usihlalo weqembu uHelen Zille “ngomuntu onobandlululo kunabo bonke” abaziyo.

Umholi wekhokhasi yase-Eastern Cape u-Andrew Whitfield uthe iKomiti eliPhezulu lesiFundazwe (PEC) lithathe isinqumo sokumisa uBhanga kuyo yonke imisebenzi yeqembu yepolitiki.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi angene ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo ntambama ezwakalise ukudinwa kwakhe uZille emsola “ngokugcina amafayela abantu abamnyama.”

Umbhalo wakhe ku-Facebook ubufundeka kanje “uHelen Zille ungumuntu onobandlululo kunabo bonke. Uthole ifayela labo bonke abantu abamnyama. Izolo ngithole ukuthi waluthola kanjani ulwazi lokuzama ukucekela phansi i-ANC. Ngiphatheke kabi ukwazi ukuthi ubusebenza ne-ANC ngokumelene nami.”

UWhitfield uthe uBhanga unikezwe incwadi yokumiswa emsebenzini ngoMsombuluko.

“UBhanga wenze izethulo ezibhalwe phansi zokuthi kungani kungamele amiswe emsebenzini ngemuva kokusebenzisa izinkundla zokuxhumana ebiza usihlalo we-DA uHelen Zille, “ngomuntu onobandlululo” uphinde wabeka ezinye izinsolo ezingenasiqiniseko ngaphandle kobufakazi.

“Ngemuva kokucubungula zonke izinto ezibekwe uBhanga i-PEC ithole ukuthi akushoyo akunasiqinisekiso yase imumisa ngokusemthethweni,” kusho uWhitfield.

UWhitfield uthe iqembu lisadumele kakhulu ngokuziphatha kukaBhanga okuphambene nomthethosisekelo weqembu nokuzibophezela kwakhe eqenjini nokungacwasi ngokwebala.

Esithombeni esingenhla: Obengumholi we-DA esifundazweni uNqaba Bhanga

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva